Mhleli: Kwelakho eligijima kuzo zonke izinkalo libuye nabafundi bephila. Ngincoma indlela abaphathi boKhozi FM nabasakazi, abashaye ngayo into ecokeme kulesi sigaba sonyaka.
Ngizoqala ngibonge noma ngincome uhlelo lwasekuseni iVuka Africa Breakfast Show, cishe ngagcina ukuzwa uhlelo olumnandi ngonyaka ka-2013 kuya ku-2014 . Ngemva kwalokho bese kuwukulalela nje ngoba nginqena ukushintsha isiteshi somsakazo.
Uma kuthiwa kuboshelwe ihhashi no mnyuzi, kushiwo into enjena ngoba zombili lezilwane zinamandla, bese kuba imbongolo nenkabi yenkunzi, kuqhuma ama-trench ngokolimi lokubophela izinkabi. ngikhuluma ngoSgqemeza, Mroza, Nolwazi, bese uBabheke ebamba igeja.
Hhayi mfoka Mthethwa, igeja lishona ntshi enhlabathini evundile zilidonse izinkabi zakho futhi azimdingi umuntu ophatha isinswebhu. Ziyazibonela lapho kuphela khona indima bese zijika, ziqala phansi.
Cha, bafowethu nilubambile uhlelo lwenu! Uma ungalulalelanga uvele ufane nomuntu olovile emsebenzini wangalubhala usuku. Kuba sengathi uma kuphela inyanga, umholo wakho uzobe ungaphelele ngendlela olumnandi ngayo.
Qhubekani nale ndlela emnandi nefundisayo, kwiVuka Africa Breakfast Show (VABS).
Bongani Alex Nxumalo
eNdwedwe