UMBHALI: Salamina Mosese, imidwebo ngu-Vian Oelofsen
ABASHICILELI: Human & Rousseau
UMLINGISI uSalamina Mosese, ukhombisa ikhono lokucikoza ngepeni encwadini efanele izingane.
USalamina uloba ngesipaza sikaGogo uTina esiseDiepkloof, eGoli. Njalo uma kuvalwe izikole ngoJuni, uTumi uthanda ukuvakashela uGogo uTina, eSoweto. Yilapho afike adlale futhi asize ugogo nabazala bakhe okunguMpho noLefa.
Bayakujabulela ukuthi bathola ithuba lokufunda ngebhizinisi kepha babuye bangajabuli uma ugogo eqinisa amatomu. Phela uTumi, uMpho noLefa bazitshela ukuthi kulula ukuphatha isipaza kanti abazi ukuthi udinga isineke nokuthi unakekele amakhasimende akho.
Kuthi uma ugogo ebashiya bodwa, bavele bamoshe izinto. Uyedwa onikeza ikhasimende ushintshi ongaphele, omunye unikeza ikhasimende ugwayi okungewona. Kubheda izinhlelo uma amakhasimende esekhuluma kanye, kanye ngoba ediniwe!
Bathola isifundo sokuthi balalele uma ugogo ebafundisa nokuthi indlela ibuzwa kwabaphambili.
Okuhle wukuthi, isipaza sikagogo sithola udumo ngoba sigcina saziwa ngabantu abaningi. Incwadi ifanele izingane futhi izifundisa ukwethembeka nokwazi ukuzimela kwezamabhizinisi. Umthente uhlaba usamila!
Incwadi iyatholakala ezitolo zase-Exclusive Books https://exclusivebooks.co.za