INCWADI: Principles of building sustainable wealth
UMBHALI: Fulufhelo A. Sithole
ABASHICILELI: Reach publishers
UKUKHULA kanzima kombhali owayehamba ngezinyawo ibanga eliwu-20 km njalo uma eya esikoleni futhi engenawo umfaniswano ophelele, kwamenza waba nogqozi lukuba nekusasa eliqhakazile.
Incwadi elotshwe nguFulufhelo A. Sithole, ethi Principles of building sustainable wealth, igqugquzela ukuthi umuntu ngamunye afunde ukuzimisela nokuzibophezela ekutheni abe nekusasa elingcono.
Cishe baningi abakhula kanje kepha abangalitholanga ithuba lokuthi baqhubekele phambili nemfundo ukuze bafeze amaphupho abo. USithole ulandisa kusukela eqeda u-matric eyofunda enyuvesi kepha ashiye phakathi nendawo ngenxa yokweswela imali. Uvele ajoyine umbutho wamasosha asebenze iminyakana bese ebuyela enyuvesi esenemali afunde aze athole iziqu zeMBA, eNyuvesi iCape Town.
Udalula ubunzima bokuthola ukuxhaswa yisikhwama semfundo iNFSAS, yize kungazange kwenele kepha akalilahlanga ithemba. USithole uthi wayebamba amatoho ukuze akwazi ukuzikhokhela enyuvesi ngesinye isikhathi alale engadlile ngoba eqongelela imali yokuzifundisa.
Incwadi ifundisa ngezimiso ezibalulekile empilweni njengokuhlela ezezimali, ukuba nenjongo ephusile ngempilo yakho, ukonga imali, izinhlelo zesikhathi eside, nokuvikela umcebo wakho nokunye okuningi.
Incwadi iyatholakala ezitolo zase-Exclusive Books https://exclusivebooks.co.za