MHLELI: Ngiyacabanga iningi labafundi bakho babe nokushaqeka nokudumala okukhulu ukufunda ngodaba lobevele enkantolo yasoPhongolo, esolwa ngokunukubeza abantwana ababili ababegibeza ukubahambisa nokubalanda enkulisa.
Njengelungu elimele i-National Freedom Party (NFP) esiShayamthetho KwaZulu-Natal, ngizwelana kakhulu nabantwana nemindeni, ikakhulu abazali abazithola bebhekene nalesi simo.
Sinxusa osonhlalakahle bethu ukuthi basondele ukuzonikezela ngosizo baphinde basondele ukuhloma ngemibuzo ezinye izingane ebekungenzeka ukuthi nazo bezisebenzisa lesi sithuthi, ukuthola ukuthi azigilwanga yini nazo?
Siyayinxusa futhi inkantolo ukuthi mhla evela phambili kwayo umsolwa ngoJuni 12, nonyaka, imnqabele ibheyili ngoba ukuba kwakhe ngaphandle kuyobeka impilo nokuphepha kwabantwana engcupheni.
Kuyishwa ukuthi ezweni la kukhalwa khona ngamathuba omsebenzi angekho kuphindwe kugqugquzelwe intsha ukuthi iziqalele ngokuzenzela okwayo, kusakhona abantu abanquma ukuhlinzela umphakathi wabo ezibini ngale ndlela. Ingempela abazali bazothemba bani ngabantwana babo uma kunje?
Makubuye ubuntu bantu bakithi! Uqine nomthetho kulabo abatholwa benamacala okuhlukumeza izingane.
CM Shinga
Ilungu le-NFP esiShayamthetho esiKwaZulu-Natal