MHLELI: Angiphinde ngishayele ihlombe uhlelo lwasekuseni kuKhozi FM, i-Vuka Mzansi Breakfast Show, elishayelwa wuSipho “Sgqemeza” Mbatha noNonhlanhla “Mroza“ Buthelezi.
Ngithanda kakhulu isigatshana sohlelo lapho bephosa imibuzo “kodado". Nathi sifunda lukhulu ngoba imibuzo yabo ijulile impela, iyasifundisa.
Ake ngenze isibonelo: Kwabe kungubani ukhulu weLembe uShaka? Lo mbuzo udale okukhulu ukuphikisana kubona abasakazi nakubalaleli uqobo. Okungichaze kakhulu ukuthi baqhubekile bafuna umbono kwabanye osolwazi nakuNjomane, uSJ Mhlongo, obachazele ngendlela nami ebengazi ngayo.
Ukhulu uzala umama bese kuthi ozala ubaba kube ngugogo. Bengithi okungase kudide odado wukuthi umbuzo ubungacacisi ukuthi ukhulu ozala bani iNdlovukazi uNandi noma iNgonyama uSenzangakhona?
Imibuzo enjengalena sengathi inganda ngoba abantwana bethu badidekile kakhulu ngendlela abazaleka ngayo.
Ingane ibiza ukhulu ngomama, umama imbize ngosisi ikhule nolwazi olungesilona. Ngikhumbula komunye umndeni, izingane zazibiza umama wazo ngomakoti nobaba ngobhuti, ukhulu abe ngumama. Lokhu kwakwenza ngizibuze ukuthi aziqondiswa ngani? Inselelo ikithina bazali.
EsiZulwini asinaye u-anti, sinobabekazi ozalwa nobaba noma umamekazi ozalwa nomama. Ubaba omncane/ ubaba omdala esilungwini bangomalume bashade no-anti.
Qhubekani nisifundise okuyikho thishomkhulu, Mroza Buthelezi nesekela lakho uSgqemeza Mbatha, ngokusiklezisa kogwansile.
Makhosi okaMgalaza
KWASWAYIMANE