MHLELI: Sekuyazwela ngempela-ke manje ngalokhu kucinywa kukagesi ezweni lethu. Bengizitshena ukuthi ukungena kukaNgqongqoshe wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, kuzoba nesisombululo kodwa kukhomba ukuthi sibheke eweni elimnyama.
URamaphosa akanendaba nathi futhi akasazi nokuthi siyini, kunalokho ulibele ukubiza imihlangano engenamiphumela ngodaba lukagesi. Mhlawumbe okuyosiza ukusebenzisa isigatshana esithile kuMthethosisekelo, lapho othi khona abantu bayoziphatha (The people shall govern).
Okungikhalisa kakhulu ngalokhu kuhamba kukagesi ukulahleka kwamathuba emisebenzi entsheni ngoba abaqashi bathi ngeke bayimele inkinga kagesi engalungiseki nhlobo.
Lapho ngisebenza khona sekuqaliwe kusetshenzwa ngokwesikhathi sokuthi umshini ukuvume kanjani. Uma ngabe uke wahamba ugesi amahora amathathu, lokho kusho ukuncipha kweholo. Sekuyasinda kuyehlela manje kuthina futhi kubukeka kuzosilimaza ematohweni esikuwo lokhu kuhamba kukagesi.
Sengisola ukuthi uRamaphosa ngokungasikhathaleli siyizakhamuzi zakuleli lizwe, ukube uyasikhathalela ngabe sewabakhomba indlela oMnuz Pravin Gordhan noMnuz Gwede Mantashe. Uma ngabe ubheka labo ngqongqoshe behlulwe bancama yimisebenzi yabo.
Okwenzeka ezweni lethu kungenze ngakhumbula inkulumo kowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, lapho athi khona niyozisola njengoba sekuphuma mina. Impela, sesiyazisola ngokubeka uRamaphosa kwesobumengameli.
Okungihlekisile ukuthi uyalezile uRamaphosa kubantu abaseduze naye ukuthi abaqinisekise ukuthi i-ANC iyabusa emva kokhetho luka-2024. Ngizoke ngibone ozoba nesibindi esinenyongo eceleni, ebhuyazela ekhankasela i-ANC emphakathini ekubeni ubusilambisa ubuye usihlalise ebumnyameni.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU