MHLELI: Njengoba bekuwuSuku lwamaLungelo aBantu ezweni lakithi ngoMashi 21, ngivumele ke-ngisike elijikayo. Ngosuku olufanayo, ngonyaka u-1975, kwasungulwa Inkatha Yenkululeko Yesizwe, isungulwa nguMntwana waKwaPhindangene.
Lokhu kwenzeka emva kokuba abamhlophe babenyathele amalungelo abantu abansundu. Izinhlangano zabansundu ezazilwela inkululeko, zazivalwe imilomo.
UMntwana waKwaPhindangene wayehambele eZambia lapho afike wabonana khona nowayengumengameli wakhona, uMnuz Kenneth Kaunda, owafaka kuye umqondo wokuthi ukuze umzabalazo wenkululeko uqhubekele phambili, kumele uMnuz Buthelezi asungule inhlangano.
Wabuya kulolo hambo, wabika kowayengumengameli kaKhongolose, uMnuz oliver Tambo, lokho okwakuphakanyiswa nguDkt Kaunda ngoba wayengeke athathe isinyathelo sokusungula inhlangano ngaphandle kwesibusiso sikaKhongose njengoba ayeyilungu lawo.
UMnuz Tambo wamvumela ukuba angaqhubeka asungule inhlangano. Wabe eseba nengxoxo noMnuz Alpheus Zulu owamcebisa ngokuthi kuyomele acashise inhloso yale nhlangano afuna ukuyisungula ngokuthi ayibize ngeCultural Liberation Movement, ukuze abamhlophe bengeke bayivale umlomo.
UZulu wabuye wacebisa uMntwana waKwaPhindangene ukuthi asebenzise igama Inkatha elasetshenziswa yiSilo uSolomon esakha inhlangano esayibiza ngeNkatha kaZulu, ngeminyaka ephambili.
Kwahlanganwa KwaMagwaza, eMelmoth, lapho kwasungulwa khona Inkatha Yenkululeko Yesizwe ngoMashi 21, 1975. Inkatha yashisa umzabalazo wenkululeko ngaphansi kwezimiso zabasunguli bomzabalazo wenkululeko kaKhongolose ngonyaka ka-1912, ezazithi, “kuyoshiswa umzabalazo wenkululeko ngokusebenzisa amaqhinga okuthula”.
Inkatha yayikholwa ngokupheleleyo ukuthi njengoba abamhlophe babehlome beyizingovolo. Ngokusho koMntwana waKwaPhindangene, kwakufanele bahlaselwe lapho belula khona. Ngenkathi owaKwaPhindangene esho lokhu, abaningi abakholwanga ukuthi kuyoke kwenzeke ukuthi izwe libuye ngokuxoxa etafuleni.
Wayebhekana ngqo nomengameli bezwe abamhlophe, ebatshela ezikabhoqo, ukuthi ubandlululo lwalungalungile, abuye abatshele ukuthi mabakhulule izinhlangano zombusazwe ezazivalwe umlomo. Umntwana wayebuye athi, abaholi abasemajele mabakhululwe.
Yilapho ngezwa khona ngabaholi engangingabazi; oMnuz Nelson Mandela, Mnuz Zeph Mothopheng, nabanye, esasibezwa ngendaba sitshelwa ngabo wuMntwana waKwaPhindangene.
Washisa umzabalazo wokuthi izikhonkwane zomnotho zingabhongculwa ezweni lakithi ngenxa yokuthi abantu bakithi bayoswela imisebenzi. Kwathi noma kuthiwa intsha mayidube izikole, ishise umzabalazo wenkululeko kodwa yena wathi, “Cha imfundo mayisetshenziswe njengesikhali senkululeko.”
Waphunzisa iphupho likahulumeni wobandlululo lokwephuca abansundu ubuzwe babo bokuba yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika, bathathe uzimele geqe. Ngaleyo ndlela abansundu bezwe lakithi babugcina ubuzibulo babo ngenxa yomntwana. UMnuz uDe Klerk walivuma iqiniso, wathi ukwenqaba kukahulumeni waKwaZulu ukuthatha uzimele geqe, kwenza babona ukuthi kalusebenzi uhlelo lwabo lobandlululo.
Sibonga uMntwana wakwaPhindangene ngamagalelo akhe emzabalazweni wokulwela amalungelo abantu. Siyambonga thina malungu eNkatha ngokusakhela ikhaya lezombusazwe.
Otto B Kunene
Ilungu lesigungu sikazwelonke