MHLELI: Ngicela ungiphe leli thuba ke ngizwakalise okukhulu ukukhathazeka lokhu mayelana nodaba lokubulawa kwezingane. Sekuphenduke into ewumkhuba omubi ukubona abazali bebulala izingane zabo, ikakhulukazi esizweni esimnyama. Siyazibuza siyaziphedula ukuthi ingabe konakelephi ngempela?
Abantwana esibabona beyizisulu zesimo esifana nalesi basuke bengenacala. Abazali kuyaye kuthi uma kukhona ukungaboni ngasolinye noma ukungazwani kahle ekhaya bese bebona kukuhle ukuthi umuntu akhiphele isibhongo sakhe ezinganeni. Lokhu kungumkhuba ongemuhle neze.
Isibalo sabantwana abashonayo bebulawa abazali siyanda minyaka yonke ngendlela ethusayo. Cishe bonke abantwana abasuke bekulesi sibalo basuke bebulawe ngendlela efanayo. Ukudliswa ushevu, ukudutshulwa okanye ukukhungwa.
Singabazali kumele sizifundise ukuthi izingane azisona isikhali sokulwa izimpi zethu. Umsebenzi wethu ukuthi sibavikele futhi sibanakekele. Sithi abasithembe kanjani uma kuyithi esizophinde sibenze bezizwe bengaphephile eduze kwethu?
Izenzo zethu ezimbi zisenza siphenduke inhlekisa kubantu bakwezinye izizwe.
Sekuyisikhathi sokuthi abantu bakithi bazinuke amakhwapha, babhekisise indlela abenza ngayo izinto. Abantwana bethu sifisa bakhule, babe ngabaholi bakusasa. Masingabancishi lelo thuba ngokuvumela imizwa yethu emibi isilawule.
Sanele Ndlovu