NGO-2012 ngenkathi kudutshulwa kubulawa abasebenzi ababetelekile eMarikana, nokwenziwa ngamaphoyisa aseNingizimu Afrika, lokhu kwakhumbuza izwe nomhlaba wonke ukuthi kusaqhutshwa ngenqubo yobukapitali, inzuzo iyona ehanjiswa phambili ukwedlula impilo yabantu. Abaphethe abangabazi ukuthatha nanoma yiziphi izinqumo uma kuziwa ekwenzeni inzuzo.
Noma ngabe lokho kusho ukuthi uhulumeni wentando yabantu kudingeka asebenzise indluzula eqondiswe kwizakhamuzi ezimnyama ezingahlomile, uhulumeni uncamela ukuzibulala ngenxa nje yokuvikela osozimali nenzuzo yabo.
Njengoba sibuyekeza esikwenzile eshumini leminyaka kwasungulwa i-Economic Freedom Fighters (EFF), kuyofanele sizikhumbuze ngalezi zinto. Inhlosongqangi yethu yinkululeko yezomnotho, sisaphila nathi. Lena yinjongo okumele siphokophele kuyona singayikhohlwa, singaguquki kuyo futhi singayicekeli phansi ngobuvila.
Uma sehluleka ukukhumbuzana ngezimo nezigameko ezaholela ekuzalweni kwe-EFF, lokho kungaholela ekudembeseleni sigcine sesikhohlwa ukuthi sazibophezela ekutheni sithole inkululeko yezomnotho noma sife okungenani. Uma sikhuluma ngokukhetha ukufa, asingathekisi, kodwa sikhuluma ngokufa uqobo lwakho.
Ngenkathi sihambela eMarikana ngo-Agasti 18, 2012, ezinsukwini ezimbili kusanda kubulawa abavukuzi basemayini ngenhloso yokuvikela iLonmin, okuyinkampani ezinze eLondon, sakhombisa ngokusobala ukuthi siyakuqondisisa ukuthi kusho ukuthini ukukhetha phakathi kwenkululeko yezomnotho nokufa.
Abantu abaningi abaqondisisanga kahle ukuthi sichaza ukuthini nezibophezelo esazenza ukulungiselela umzabalazo esibhekene nawo nesisazobhekana nawo kulolu hambo esikulo. Abanye abakwazanga nokuyibona indlela esimelwe ukuyilandela. Ukukhala nokuchitheka kwegazi likaMgcineni “Mambush” Noki, Ntandazo Nokhamba, Babalo Mtshazi, Bongani Nqonqophele, Mongezeleli Ntenetya, Andries Ntsenyeho, Molefi Osiel Ntsoele, Henry Msuyisi Pato, Motisaoitsilee Van Wyk Sagalala, kanye nabanye yikhona okuyonisela le mbewu eyaholela ekutheni kufuqwe umzabalazo wokulwela inkululeko yezomnotho ngobuqotho, nokwenziwa yi-EFF.
Ngifisa ukukubeka kucace bha nje ukuthi ukubulawa kwabasebenzi basemayini eMarikana yikhona okwaholela ekusungulweni kwe-EFF. Ngengoba sigubha ishumi leminyaka kwasungulwa le nhlangano, leli qiniso lidinga ukuchazwa libekwe obala, lingagutshezelwa. Umuntu ngeke akwazi ukuxoxa ngokusungulwa kwe-EFF ngale kokubalula ukubulawa kwabasebenzi baseMarikana.
Ukwethulwa ngokusemthethweni kwe-EFF ngo-Okthoba 13, 2013 kwenzelwa khona eMarikana. Lokhu kwenziwa ngemuva kombuthano kazwelonke owawuse-Uncle Tom’s Hall, Orlando West, eSoweto, ngoJulayi 26-27 ngo-2013 lapho kwathathwa khona isinqumo sokusungula i-EFF. Abantu abangaphezulu kuka-25 000 baba ngofakazi kuzalwa le nhlangano endaweni eyigquma iKoppie, buqamama neqele lapho kwabulawa khona abasebenzi abangu-34 basemayini. Isililo salaba basebenzi sasisankeneneza ezindlebeni zethu, nephunga legazi elaphalala lalisathaphuka enhlabathini.
Asixolisi ngokuzibiza ngeqembu “lezigayigayi, eliphikisana nosozimali kanye nabacindezeli”.
Lokhu kuyasiphoqa thina sonke esingamalungu nalabo abeseka imigomo yethu ukuthi sibe yingxenye yokulwela amalungelo abasebenzi ukuze kugcine ngokuthi kube yibona abalawula izizinda zomnotho nokungenelela lapho bexhashazwa khona. Yingakho ukudliwa komhlaba ufakwe ngaphansi kukahulumeni kuyinsika yethu yokuqala esimi ngayo, ngoba ngaphandle kobunikazi bomhlaba, ngeke kwenzeke ukuthatha izimayini kanye namagugu ambiwa phansi zifakwe ngaphansi kukahulumeni.
Isibhicongo saseMarikana komele sihlale njalo sifana nenkaba esixhumanisa nezibophezelo zethu nezinsika zokulwela inkululeko yezomnotho. Le nkaba akufanele inqanyulwe, kufanele ihlezi iyisikhumbuzo sezigigaba nezigameko ezaholela ekusungulweni kwe-EFF kuze kufike isikhathi lapho sifinyelela enkululekweni yezomnotho nathi sisaphila.
Thina EFF ikhaya lethu liseMarikana. Ngaphandle kwesibhicongo sokubulawa kwabantu eMarikana, ngabe ayikho i-EFF. Singakusho singananazi ukuthi isibhicongo saseMarikana yinto efanayo nokusungulwa kwe-EFF. Njengoba sizobe sigubha iminyaka eyishumi singekhohlwe yibona bonke abantu ababa wumhlatshelo owaholela ekusungulweni kweqembu, okungamaqhawe alala eqeleni laseMarikana.
Kulo nyaka sizithola sesiphindela eMarikana lapho kwazalelwa khona inhlangano yethu. Silethe umyalezo wokuthi ukuzinikela kwabo kwakungelona nje ize leze, kodwa siyohlezi sishumayela ngabo futhi senza konke okusemandleni ukufeza iphupho labo. Sizobazisa ukuthi sisayibambile futhi asisoze sathengisa ngomzabalazo wabo abawufela.
UMnuz Julius Malema unguMengameli noMkhuzi wezigayigayi ezilwela iNkululeko yezoMnotho