NGEMVA kweminyaka ewu-28 edlule kwavota abantu baseNingizimu Afrika, ngethemba lokuthi kuzophela ukuhlupheka abebekumbethe iminyaka ngaphansi kukahulumeni wobandlululo kepha basathwele kanzima.
Uhlelo lweSABC 1 iCutting Edge luveze isimo esinzima lapho abantu baseNtabankulu, bethwela ibhokisi lomngcwabo bahambe phakathi esizibeni esikhulu.
Abanye bafakwa emphongolweni baweliswe ngayo beya edolobheni. Izingane zivuka ngovivi ziwela umfula ziya esikoleni. Konke lokhu kukufikisela ngezinyembezi namahloni okuthi ngabe kuyoze kube nini abamnyama bembethe usizi?
Abantu bavota ngethemba lokuthi bayaphuma eGibhithe. Kodwa kuze kube yinamuhla, basazibuza baziphendule ngokuthi inhlupheko bayokubhinca kuze kube nini?
Abanye balimisa ngesihloko elokuthi uhulumeni wabamnyama uhlulekile, sebelinde u2024 ukuze bajike izinto. Ukujeqeza kwabo emuva kubafikisela ngosizi ngenxa yezethembiso ezinye zazo ezingafezwa, ezenza abantu balibuke ngeso eliluvindi ikusasa.
Abanye banombono wokuthi kufanele kuyoshwelezwa eSilweni saKwaDukuza, esalibeka ngembaba elokuthi “ngeke silibuse, liyobuswa yizinyoni zeZulu”.
Ngendlela okubhimba ngayo nabaholi abahlonishwayo baphuma, bengena ezinkantolo. Lokhu kushayisana ngovalo ngekusasa lezwe.
Usuku lwanamuhla lubalulekile ngoba yilapho kwasungulwa khona i-Amnesty International. okuyinhlangano evikela ukucindezelwa kwamalungelo abantu emhlabeni jikelele.
Sekujwayelekile ukuthi abaphethe bayishalazele eyokugxila emalungelweni abantu ababaholayo. Ukukhala kwabo kufane nokuthi bathela amanzi emhlane wedada.
Okugqamayo ngalolu suku wukuthi abantu abamnyama yibona abadonsa kanzima futhi kungathi ayinakiwe eyamalungelo abo. Ushintsho olwenziwe yinhlangano ephethe okunguKhongolose, lubukeka luluncane kakhulu.