AMAKHANSELA ama-ward ayingxenye ebalulekile yokusebenza komasipala ngendlela efanele. “Obasi bawo” abakhulu wumphakathi nomasipala.
Yingakho kusemqoka nokuthi azinze ngokokuhlala kwiward ayiphethe ukuze aqonde kangcono izidingo zomphakathi.
Lokhu kwenza kube lula ukuthi axhumanise umphakathi nomasipala futhi abikele umphakathi ngezinhlelo zomkhandlu.
Ukuziphatha kwamakhansela yinto ebaluleke kakhulu ekwenzeni umsebenzi wawo ngempumelelo. Umgomo wokuziphatha kwawo uhlanganisa izibopho ezijwayelekile, njengokuphatha abantu ngenhlonipho, ukukhuthaza ukulingana nokungenzi noma yini engase ibeke engcupheni isithunzi sikamasipala.
Okunye okubalulekile wukuthi amakhansela aqonde futhi asebenze ngomgomo kahulumeni wokubeka abantu phambili, iBatho Pele.
Ngakho izinsolo ezishiwo wumphakathi waseFolweni ngekhansela lase-ward 95 ziyakhathaza.
Izakhamuzi zakule ndawo zivale umgwaqo uM35 ngamathayi avuthayo namabhodlela ngeledlule, zikhala ngokungabi namanzi kusuka ngoNovemba.
Umgwaqo obuvaliwe ubaluleke kakhulu ngoba usetshenziswa yizinkumbi zabantu baseMbumbulu, Adams Mission naseFolweni futhi ubasiza ukungena kalula eSiphingo naseMlaza.
Kuthiwa ngesikhathi sombhikisho amaphoyisa ahluleke ancama ukuthola ikhansela, uMnuz Thokozani Xulu, ukuba likhulume nomphakathi ngenkinga yamanzi.
Kusolwa ikhansela ngokungawukhathaleli umphakathi. Kuthiwa uXulu wacelwa ukuba ahlele amaloli anele azophakela umphakathi amanzi, kepha wehluleka. Kuthiwa uma amalungu omphakathi emshayela ucingo, uba luhlaza futhi avimbe izinombolo zabamshayele ucingo ukuthi zingabe zisangena kwiselula yakhe uma bephinda beshaya.
Ngisho uXulu esethintwa ngabezindaba, ukhombise ukungabi nandaba ngokuhlupheka komphakathi, wabhuqa izintatheli. Izinsolo ezibhekiswe kuXulu zidicilela phansi isithunzi senhlangano ayimele, esikamasipala nomgomo kahulumeni, iBatho Pele.