MHLELI: Kwelakho elisikhiphela zisashisa zingakafudunyezwa, ngivumele ngibongele ingqungquthela ye-ANC ebingeledlule yagoqwa izolo. Empeleni asilalanga sigade isifundazwe sethu ukuthi asingaweli kubantu abangasithandi.
Uyabona uMnuz Sihle Zikalala uwuzwile umuthi awuzwisa uMnuz Senzo Mchunu ngo-2016 ngesikhathi bemkhipha lingakapheli ihlandla lakhe kwangena bona ekubuseni isifundazwe.
Kwaba buhlungu kuMchunu ekhishwa kwesokuba wusihlalo waphinde wakhishwa kwesokuba undunankulu, empeleni yonke ikhabhinethi yakhe yakhonjwa indlela kwathiwa ayiphume ezintanjeni.
Uyabona kumanje ngilindele ukuba uMnuz Siboniso Armstrong Duma enze okwenziwa wuZikalala eshintsha ikhabhinethi kungazelele muntu. Iqiniso lithi ubuholi be-ANC bese kufanele ukuthi bube noshintsho ngoba esasibanike izintambo zokuphatha isifundazwe bakhombise ukusidelela futhi balimaza neqembu laze lahlulwa emikhandlwini yomasipala.
Iqiniso lithi usihlalo ophumayo uZikalala wehlulekile ukubumba i-ANC esifundazweni waphinde wahlulwa wukuhola isifundazwe ebunzimeni esikubo.
Abebevota bacabangele thina singabavoti futhi benze okuyikho benza ushintsho. Noma angakhala nje uZikalala ngokukhishwa kwakhe kodwa kufanele avume ukuthi uyihlinzele ezibini i-ANC ngokufuna udumo ohlangeni lwaseNdiya ngesikhathi somtapo.
Uzwiswe umuthi wakhe uZikalala nekhempu yakhe. Kufanele simbongele umfo kaMtolo ngokuhlabana kwakhe, sesethembe yena ukuthi uzoyilungisa inhlekelele eyenziwe uKhuzeni. Engingakusho kusihlalo ongenile ukuthi kumele aqinise amabhawodi eminyangweni yezempilo, owezemfundo, uyabona kule minyango kukwamachanca nje futhi abanikezwe umsebenzi uyabehlula.
Uma ngabe eselungisa kuyofanele afake abantu abanolwazi lwale minyango njengokuthi kufakwe umuntu oneziqu zobudokotela emnyangweni wezempilo bese kuthi kowezemfundo kufakwe umuntu oseke waba nguthisha. Lokhu ngikusho ngoba uyabehlula umsebenzi laba abanikezwe wona.
Asethembe kuDuma ukuthi ngo-2024 isifundazwe sethu sizowela ebuholini obunohlonze futhi asisenavalo lokuthi kungenzeka kwenzeke imbedumehlwane okhethweni lukazwelonke.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU