MHLELI: Ngithanda ukuzwakalisa uvo lwami. Mayelana nendaba ephume kwiSolezwe ngomhlaka-6 Septhemba. Isihloko besithi: Kuvalwa izitolo zabokufika ngenxa yokwesaba. Bengifuna ukuveza ukukhathazeka nokudumala ngesenzo esenziwa ngabahlali bakuleli becwasa abokufika. Akusibona bonke abakufika abafika nobudlwangudlwangu kuleli likaMthayina.
Abanye bafike ngokuzothola impilo engcono abazosimamisa ngayo imindeni yabo esele emazweni abo. Kungasibona futhi bonke abahleli ngokungemthetho lapha ezweni lethu.
Impela ngizalwe emuva kwenkululeko yaseNingizimu Afrika. Kepha umlando esengike ngawuzwa ukuthi amaqabane naboMkhonto Wesizwe babefuna indawo yokufihla ikhanda kuwona la mazwe ngenkathi izwe lethu lisabhekene nobunzima bobandlululo.
Kungani manje sizobulalana sodwa, sixhaphaze impahla yabo njengoba kwenzekile Kwandonga ziyaduma. Sekuchaphazeleke nakuleli likaBhanana njengoba eTshelimnyama sekubalwa izigameko ezinjenga lezi. Kungabe sisadiniwe ukuthi bahleli kule lizwe noma sesiyabantshontshela okungokwabo, abafike bazakhela kona mabefika kuleli? Kuyadumaza okwenzeke kuleya ndawo nakwezinye ezichaphazelwe ilolu dweshu lokulwisana nabokufika.
Liveza isithombe esibi ngabantu bakuleli. Ngiyazwelana nokuthi abahlali bakuleli bazizwa sengathi uhulumeni akabanakile kodwa unakekela abantu bangaphandle.
Besingatholwa isixazululo ngaphandle kokuzwisa omunye umuntu ubuhlungu.
IsiZulu sithi okoniwe ngomlomo kulungiswa ngomlomo. Asibumbaneni silungise izinkinga zethu njengendlu emnyama. Singazibukisi nabezizwe sibulalana sodwa, sigcwele inzondo yokucwasa odadewethu nabafowethu. Nginxuse nabaphathi bezwe lethu ukuthi bangenelele.
Sanelisiwe Nhlangulela
eThekwini