MHLELI: Njengophiko lwabantu besifazane eqenjini iNkatha (IFPWB) asiqale sisho ukuthi siyakwamukela ukuboshwa kowesilisa osolwa ngokubulala izingane zakhe ezintathu eThekwini.
Njengabesifazane eqenjini sikhathazekile ngezigameko lapho abantu besilisa bekuthola kunzima satshe ukwamukela uma abesifazane abasebudlelwaneni nabo bebatshela ukuthi ucu alusahlangani entanyeni akuhlukwane.
Bebone kungcono ukuthi baziphindiselele ngokuthi baqothe imbokodo nesisekelo ngisho izingane imbala. Siyazwelana kakhulu nayo yonke imindeni elahlekelwe zihlobo zayo ngenxa yodlame olubhekiswe kubantu besifazane.
Sithi asiphinde futhi sizwakalise ukukhathazeka kwethu okukhulu mayelana nezigameko zokubulawa kwabantu besifazane ngesihluku. Lokhu sikusho ngemuva kokubulawa kwesitshudeni sasenyuvesi yase-UCT u-Uyinene Mrwetyana kanye nomshayisibhakela wesifazane waseMdantsane uLeighandre Jegels kanye nabanye okungabikiwe ngokubulawa kwabo.
Lezi zigameko zokubulawa kwabantu besifazane zenzeka esikhathini lapho izwe laseNingizimu Afrika lisenkingeni yokubhekana nezinga eliphezulu lokwanda kodlame olubhekiswe kubantu besifazane, lwenziwa ngabantu besilisa. Abantu besifazane sebephenduke iziboshwa uqobo ezweni labo ngenxa yokwesaba ukwenzakaliswa ngabantu besilisa.
Nathi siyavumelana nalabo abathi udaba lodlame olubhekiswe kubantu besifazane kumele luthathwe njengesibhicongo senhlekelele ezweni okumele kubhekwane naso ngokushesha. Sinxusa-ke zonke izinhlaka zomthetho kuleli zwe ukuthi nazo zenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ziyalwa nalesi sihlava sokuhlukunyezwa kuphinde kubulawe abantu besifazane. Izinhlaka zomthetho kumele zisheshise ukwenza uphenyo kuwo wonke amacala abikwayo nasebikiwe athinta ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Simelene nokuthi kuphele iminyaka kungafinyelelwa esiphethweni samacala okuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Isikhathi manje lesi sokuthi uqine umthetho ovikela abesifazane. Bonke abahlukumezi kumele bajeziswe kanzima uma ngempela leli zwe lizimisele ukuvikela abantu besifazane.
Ngakho-ke kungumsebenzi kahulumeni wakuleli zwe ukuthi avikele abesifazane kubahlukumezi.
Sinxusa umphakathi ukuthi nawo awubambe iqhaza ekulweni nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Ngaphandle kokuthi zonke izinhlaka zibambisane ngeke inqotshwe impi yodlame olubhekiswe kubantu besifazane. Siyakholelwa kakhulu futhi ekutheni kumele kube nokushintsha komqondo kubantu besilisa babone ukuthi kuyinto embi ukuhlukumeza abantu besifazane.
Siwuphiko lwabesifazane eqenjini iNkatha sithi sekwanele manje ngodlame olubhekiswe kubantu besifazane. Into esiyidingayo nje kuphela uhulumeni ozimisele ekutheni aqhamuke namasu amasha angumkhombandlela ocacile oqondene nokulwa nodlame olubhekiswe kubantu besifazane.
UMntwana Phumzile Buthelezi
MPL,uSihlalo kazwelonke wophiko lwabesifazane eqenjini iNkatha (IFP Women’s Brigade)