NGENKATHI kuhlasela ubhubhane iCovid-19 ngo-2020, kwakhahlamezeka amabhizinisi amaningi angaphansi kwemikhakha ehlukene.
Imboni yezokuvakasha ingeminye yemikhakha eyashayeka kakhulu eminyakeni emibili ngemuva kokuhlasela kweCovid-19.
Ezinye izindawo zavalwa. Ezinye zadiliza abasebenzi zashintsha nezindlela zokusebenza.
Ngendlela isimo esaba sibi ngayo, wawungeke ucabange ukuthi kungaba khona ihhotela elivulwa ngesikhathi sokuhlasela kobhubhane, lapho kwakunomvalelandlini.
Ngenkathi amahhotela amaningi evalwa ngesikhathi somvalelandlini, iDragonview Lodge, eseDrakensberg, eWinterton, yavulwa ngo-2021.
Uvalo lokuthi ngabe ihhotela lizokwazi yini ukusebenza alusekho ngoba selibalwa nezindawo eziphambili eziheha izivakashi eDrakensberg.
Kayinawo amagumbi amaningi kepha inayisishiyagalombili kuphela.
Yizinto eziphakathi kule ndawo ezenza idlise futhi ibe yimfivilithi ebantwini abayizivakashi zakuleli nabaphuma emazweni aphesheya kwezilwandle.
Indawo yokudlela iDragonview Bistro, inohlu lokudla ehlabahlosile kanti nokudla kwakhona kusezingeni eliphezulu. Bazigqaja ngokuthi ukulungiselela lokhu kudla, basebenzisa imikhiqizo yasendaweni.
Indawo yokudlela yakhiwe ngendlela yokuthi izivakashi zidle zibe zikhangwa yizintaba zoKhahlamba - uhleli ngaphakathi noma ngaphandle. Uma uhleli ngaphandle ubuka ne-infinity swimming pool, ekunika umuzwa wokuthi uye egumbini lakho uyoshintsha ufake izingubo zokubhukuda.
Ngaphandle kwe-infinity pool, kukhona nenye eyakhelwe endlini futhi enamanzi ashisayo, ethokozelwa yizivakashi eziningi.
Uma uhamba nezingane, ngeke uyiswele into ezojabulisa odado ngoba kunendawo yokudlala enenqwaba yemidlalo.
Abathanda ukuhamba beqwala izintaba babuke imvelo, ibafanele le ndawo. Iseduze kwemifula nedamu futhi kuyindawo enhle yezithandani ezingenza kuyo i-picnic zingaphazanyiswa yilutho.
Ukulala kule ndawo kubiza kusuka kuR806 kuye kuR2 120 usuku, kuya ngoohlobo lwegumbi olikhethayo.
* Ukuthola izipesheli neminye imininingwane ngale ndawo, ungashayela kule nombolo 084 815 1113 noma uthumele kwi-email ethi [email protected].