BAVIVILE osomabhizinisi embonini yokuhlelwa kwemicimbi njengoba kubalwa izinsuku ngaphambi kokuba kuqale umcimbi omkhulukazi waminyaka yonke iMeetings Africa.
Lona ngumbukiso wosomabhizinisi abahlukene kule mboni oholwa iSouth African Tourism uzothatha izinsuku ezimbili kusukela ngomhla ka-24 kwephezulu eSandton Convention Center.
Inhloso yalo mbukiso ukwakha inkundla evulelekile yokuxhumanisa osomabhizinisi abazokhangisa imisebenzi yabo kubathengi abasuka emazweni ahlukene ngenhloso yokwakha ubudlelwano obusha.
Ngale kwemibukiso yamabhizinisi nemikhiqizo yawo, kukhona nohlelo lwemfundo iBONDay lapho okuboshelwe khona izazi zezinhlangano ezahlukene kusukela kuleli, e-Afrika nakwamanye amazwe omhlaba ukucushisa osomabhizinisi abasafufusa ngamaqhinga okukhulisa amabizinisi abo.
Osomabhizinisi bagxume bahlala kuvulwa ithuba lokubhalisela ukukhangisa kangangokuba, zonke izikhala zigcwale lingakapheli isonto. Phakathi kwabakhangisi ababalulekile abazobamba iqhaza kulo mbukiso kulo nyaka, abamahhotela ahamba phambili, izindawo zemicimbi ezaziwayo, nabahlinzeki bezindawo zezindiza nezitimela. Laba bakhangisi babonakalisa ubuhle bezimboni ezahlukene zonke ezixhunyaniswa yinto eyodwa, intshisekelo yokuthokozisa amakhasimende nokwakha ubudlelwano obuqinile nabatshalizimali.
Kubukiswa ngeminikelo yase-Afrika ehlukahlukene futhi enokuncintisana embonini yomhlaba wonke yeMICE. Ababuyayo kanye nabakhangisi abasha ngokufanayo bazoletha ubuchwepheshe obungenakuqhathaniswa nokusungulwa komcimbi, kuqinisekiswe ukuthi abathengi bahlangabezana ne-Afrika engcono kakhulu engabanikeza.
UNombulelo Guliwe, oyiChief Executive Officer kwaSouth African Tourism, uthi njengoba umbukiso usubhukhwe ngokugcwele, i-Meetings Africa 2025 izoba nomthelela omkhulu embonini yezokuvakasha nokuhlelwa kwemicimbi.
“Ukudayisa ngokushesha kwezikhala kuyinkomba yokuthembeka kwenhlangano yethu nokuthi siyabazisa kakhulu abahwebi ababambisene nathi. Kuphinde kuthumele umyalezo oqinile kubathengi bomhlaba wonke ukuthi i-Afrika ikulungele ukuhweba namabhizinisi futhi inikeza amathuba angenakuqhathaniswa emihlangano nemicimbi.”