INTATHELI YESOLEZWE NGEMPELASONTO
ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal, singezinye zezindawo ezinodedangendlale bezindawo ongayoshawa umoya kuzo nomndeni wakho ngesikhathi samaholidi kaDisemba.
Abendawo yezokuvakasha egabe ngezigcinamagugu nezilwane zasendle iSimangaliso Wetland Park, bathi bami ngomumo ukwamukela izivakashi ezizoza endaweni yabo ngoDisemba ukuzoshawa wumoya, bajabule.
Lokho kuqinisekiswe ngokhulumela ipaki, uMnuz Bheki Manzini, wathi okwenze bajabule kakhulu ngezivakashi abazozamukela ngoDisemba, wukuthi kulo nyaka kuphela iminyaka engu-25, indawo yabo yamenyezelwa ukuba ngeyokuqala yakuleli zwe eyisigcinamagugu yi-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (UNESCO).
Leli paki lingamahekthare awu- 1 314 539, kanti umhlaba walo usuka eMaphelane, wenabele eSt Lucia, ukhuphuke njalo uyofinyelela eKosi Bay, lapho okunomngcele waseMozambique.
“Izivakashi zamazwe omhlaba ezizofika endaweni yethu zizothola ithuba lokujabulela izinto ezahlukene kuyona, kubalwa umoya opholile wamanzi nemifula okuyizungezile, futhi bathokozele ukungcebeleka ngaphakathi. Ngonyaka odlule nje sisingathe izivakashi ezingaphezu kwa-172 600, esithemba ukuthi kuzophela lo nyaka sekuyisibalo esingaphezu kwalokho, okuzosiza ukuthuthukisa umphakathi owakhele ipaki yethu,” kusho uManzini.
Uqhube wathi sebehlome ngayo yonke into ezojabulisa izivakashi eziyizinkulungwane, ngezinkulungwane ezizovakashela endaweni yabo. Wathi bakubeke eqhulwini ukuqinisekisa ukuthi zize zihambe zisafuna impinda, okuzokwenza zibuye ngokuzayo.
Ngaphandle kweSimangaliso Wetland Park, enye indawo ongayozipholela kuyo ngamaholidi yiRoyal Natal, eyakhele izintaba zoKhahlamba. Le ndawo ithandwa kakhulu ngabaqwali bezintaba abasuke beqhamuka kuzo zonke izindawo.
Ngisho nabantu bakhona eKZN nakwezinye izifundazwe bayayivakashela le ndawo. Ngenxa yamadamu akhele le ndawo, abantu bakule ndawo badoba izinhlanzi emadanyini amakhulu okubalwa kuwo, i-Woodstock Dam, iSpioenkop Dam namanye amaningi amancane.
Ngisho nomcimbi omkhulu waminyaka yonke womculi wodumo waseBergville, uBig Zulu, owaziwa nge-Home Coming, uhlelelwe kuyo le ndawo eyakhele izintaba zoKhahlamba.
Enye indawo iKwaZulu-Natal Tourism eziqhenya ngayo yiSunny Pass, ese-Underberg. Le ndawo idlisa kakhulu ngokunika izivakashi ithuba lokugibela amahhashi abaningi abawagcina ngokuwabukela eduze uma bezikhiphile kwiHollywoodbets Durban July, ebanjalo ekuqaleni kukaJulayi eGreyville Racecourse, eThekwni. Abafuna ukugibela izikebhe bavumelekile kodwa kufanele ukwazi ukugwedla. Uma ungafuni ukuba seduze kwezintaba zoKhahlamba ungabhukuda olwandle.