KWEHLULE esexolisa umholi weqembu lomculo wokholo othuke umshayeli weloli yakhe, wathembisa nokumdubula ecasulwa ukuthi usebenzise iloli lakhe ngaphandle kwemvume yakhe.
Enkulumweni eqoshiwe okuthiwa kukhuluma uTimothy Myeni weNcandweni Christ Ambossadors, ushiye angalazi kumshayeli weloli yakhe waze wamqalekisa ethi uyohlupheka aze afe futhi ngeke esamholela nemali yakhe ngoba esemxoshile.
Kule nkulumo okuthiwa eyakhe ubexabana nomshayeli wakhe emqalekisa ecasulwa ukuthi iloli lakhe lisashayisile kanti belithathwe ngumshayeli bangavumelananga.
“Ungaphinde ulibeke kwami, uma ngike ngakubona ngizokuhlaba ngenhlamvu. Nezimpahla zakho ngeke uzithole nja ndini ngoba zathengwa ngemali yami. Uma ngike ngakubona kwami ngizokubika emaphoyiseni, angikufuni sathane, silima ndini. Ngeke ngikuholele nemali yakho. Ubulala into yami njengoba ubulayishela abantu ngeTruck yami ngoba bekunike imali. Ibidlulelani iTruck yami ekhaya? Hamba sengikuxoshile ngeke ngikunike nemali yakho. Uyohlupheka uze ufe, uyohamba izicathulo zize sibheke phezulu. Uyakubola izinyawo. Wena uyakunuka in***ze uhamba. Amase*** ayovuvuka ungazi avuvukaliswe yini,” kusho lelizwi okuthiwe elikaMyeni.
Emva kokusabalala kwenkulumo ezinkundleni zokuxhumana kubhalwe incwadi yokuxolisa ekhasini leNcandweni Christ Ambassadors kuFacebook ngokwenzekile.
Inkulumo ibihamba nezwi eliqoshiwe okuthiwe nguMyeni ubexolisa.
UMyeni uthe uyaxolisa, akushilo kungenxa yokuthi ubonakele kakhulu emoyeni. Wathi uyaxolisa kakhulu ngoba ukhulume weqisa ngenxa yokudinwa. Uthe lokho ukwenziswe ukuthi umshayeli wakhe ubesemone kakhulu futhi ubengazi nokuthi uyayiqopha inkulumo yakhe ngesikhathi bekhuluma.
Uthe bekungafanele aqalekise njengoba nebhayibheli lisho ukuthi kungaqalekiswa. Uthe uyile emaphoyiseni nomshayeli wafike waxolisa nakuyena phambi kwamaphoyisa.
Phezu kwayo yonke imizamo kukhona abazwelane naye kodwa abanye bathi uxolisa ngoba kuputshuke inkulumo yakhe.
UMvelo Memela, uthe vele baningi abakhala ngaye uMyeni ngendlela aziphatha ngayo. Uthe noKhayalethu Masuku obeyimenenja usanda kushiya iNcandweni ngenxa kaMyeni. Wathi noThabile Myeni wathi abantu abamazi uTimothy kodwa basazombona.
UPope Linda Ngqulunga, ukhale ngokuthi uMyeni usebenzise igama leNcandweni ukuxolisa ngoba akafuni ukuvuma amacala akhe.
Imizamo yokuthola uMyeni ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi akawuphendulanga umyalezo athunyelelwe wona.