UMKHANKASO wokuklomelisa umpetha waKwaZulu-Natal weBunny Chow, ususondele njengoba sebehlungiwe abayishumi abazoqhudelana koweCoca-Cola Bunny Chow Barometer Challenge.
Abaqhudelanayo basethubeni lokuwina imiklomelo yenani lika-R100 000 nesicoco sokuba yiBest Bunny Chow esifundazweni.
Lo mncintiswano osuneminyaka engu-15 wasungulwa uxhaswe ngabakwa-Coca-Cola Beverages South Africa (CCBSA), ukuqhakambisa isidlo esithandwa kakhulu eThekwini, esaziwa ngeBunny Chow okuyisinkwa esimhlophe esigcwele ukhari omnandi obabayo.
Ngemva kwamasonto amaningi okuhlunga abangu-10 bazoncintisana kowamanqamu ozokuba ngeSonto 1, Disemba eBlue Lagoon, eThekwini.
Umphathi wesiFunda we-CCBSA eKZN Central, uNosihle Mthethwa, uthe: “Sifikile isikhathi samaholide futhi ayikho indlela engcono yokwamukela lesi sikhathi ngaphandle kokuhlanganisa abantu nge-Coca-Cola Bunny Chow Barometer ka-2024.
“IBunny Chow Barometer Challenge ingenye yezindlela iCCBSA ehlose ngayo ukweseka osomabhizinisi bendawo nokuhlanganisa imiphakathi. Kukhona okukhethekile ngawo wonke umuntu oyingxenye yalo mncintiswano. Kusukela kubapheki bawo amaBunny Chows ahamba phambili, kuya kumalungu omphakathi angasampula lokho okuhlinzekwa ngezinye zezindawo zokudlela ezihamba phambili kanye nomkhiqizo oqabulayo we-Coca-Cola."
I-CCBSA igqugquzele umphakathi ukuthi uhlanganyele kowamanqamu ngeSonto, eBlue Lagoon ukuze abone ukuthi ngubani ozogcotshwa abe yi-Coca-Cola Bunny Chow Barometer Champion 2024.
Abayishumi abazobe bencintisana kowamanqamu:
· PNP Express Arena Park
· Get Lost Gateway
· Café Indigo
· Zahraa’s Unique Foods
· Ramjathan's
· Café India
· New Victory Foods & Take Away
· Papa-Rikas
· Caltex FreshStop Canehaven
· PNP Express Chatsworth