IPHINI likaSihlalo wasoKhahlamba nophinde abe uSihlalo wasoThukela kanye nezokuVakasha eziHleliwe (Tourism Cluster Initiative), uMnuz James Seymour, uthe okwenza impi yase-Spioenkop ibaluleke yingoba iyenye zezimpi eziyize ezake zaliwa.
UMnuz Seymour usho kanje njengoba namuhla kugujwa iminyaka engu-125 lempi yenzeka emcimbini ozobanjelwa ezintabeni zoKhahlamba, iMaloti Drakensberg, KwaZulu-Natal. Lempi yaliwa ngo-23 kuya ku-24 Januwari 1900 ngesikhathi sempi yesibili ye-Ango-Boer eyaba ngo-1899 kuyaku-1902. Yayisesiqongweni sentaba yaseSpioenKop engamakhilomitha angu-38 entshonalanga yaseMnambithi.
Impi yaseSpioenkop kwakuwumzamo wamabutho ase-Britain ukukhulula ingxenye yaseMnambithi, lapho amabutho amaBhunu ayesezungeze amabutho ase-Britain edolobheni cishe izinyanga ezine.
Ekhuluma nabezindaba, uthe lempi yayibalulekile ngoba izizwe ezazilwa kuyo kwakungamabutho ase-Britain kanye namaBhunu.
"Lempi yayibaluleke ngokuthi zombili lezi zizwe ezazilwa azizange zizuze lutho ngalempi. Zombili zahoxa, kodwa okuqaphelekayo ukuthi liningi igazi elachitheka endaweni encane eyaziwa ngokuthi i-Acre of Massacre," kusho uSeymour.
Uthe ukuchitheka kwegazi eliningi yikhona okwagqamisa isidingo sokuthi kubekwe izikhali phansi kuxoxiswane.
"Lempi eyayiphakathi kwalezi zinhlanga kwakungamele yenzeke. Yenzeka ngenxa yobugovu kubangwa igolide, ubugovu bokucindezela nokufuna ukuba namandla. Kwakuyimpi ebalulekile emabuthweni ase-Britain kanye namaBhunu, futhi babona ukuthi lempi yeza nosizi olubi kangakanani," usho kanje.
Uthe abanye babantu ababalulekile ababamba iqhaza elikhulu kulempi kubalwa oMnuz Winston Churchill owayeyintatheli ngesikhathi sempi ye-Anglo Boer, oMnuz Mahatma Gandhi, Louis Botha, Baden Powell, Field Marshall Lord Kitchener, uMongameli uPaul Kruger we-Transvaal Republic, uJan Smuts noRedvers Buller. Uthe enye ingxenye yalabo ababamba iqhaza kulempi bazobe bekhona kulomcimbi namuhla bezobungaza leyomiphefumulo eyaphangalala ngalowo nyaka.
Abanye kubalwa uKhomishana omkhulu wase-Britain uBrigadier General, abazobe beqhamuka emndenini wakwaChurchill, umzukulu kaMahatma Gadhi, u-Ela Gandhi kanye noMkhandlu wase-India bezogcizelela ukubaluleka kokuthula nokubuyisana.