UPHIKO olubhekele ukucwaninga ngezindawo ezigcina amagugu esifundazweni, iKwaZulu-Natal Amafu Research Institute, izibophezele ukubamba iqhaza ukulungisa izindawo eziyisizinda zolwazi nomlando wamaZulu ezakhele uMasipala wesiFunda iZululand, ukusiza ukwandisa isibalo sabantu abazivakashelayo.
Lokho kushiwo yisikhulu esiphezulu salolu phiko, uDkt Mxolisi Dlamuka ekhuluma emcimbini wokwethula izinhlelo zenyanga yokuvakasha, obuseMgungundlovu Multimedia Centre, eMakhosini, oLundi, enyakatho yaKwaZulu-Natal.
UDlamuka uthe kuyabakhathaza ukuthi isifunda iZululand sinezindawo ezinothe ngomlando wobuKhosi bakwaZulu, nezingasiza ukwandisa izivakashi, kodwa akwenzeki kahle ngoba azinakiwe futhi azikho esimweni esifanele.
“Yingakho sinqume ukuqala khona lana eMakhosini, ukuthi sihlele ukuguqula le ndawo ibe ngebalulekile eyisigcinalwazi esizokwazisa umhlaba wonke, ngoba inothe kakhulu ngolwazi njengoba kuyona kunamadlinza amakhosi akwaZulu asakhothama ayisikhombisa. Umlando lowo okumele waziwe ngabantu ukuze bangalibali wukuthi bangobani,” usho kanje.
Eqhuba, uthe bazibophezele ukusebenza nomasipala nezinhlaka ezahlukene zohulumeni ukufeza lo mbono abanawo, abafuna uhambe uze uqhubekle nasezigodlweni ezahlukene zamakhosi akwaZulu, ukuze nazo zibe wusizo ukukhulisa ezokuvakasha.
UMphathiswa wokuThuthukisa uMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo eKZN, uMfu Musa Zondi, usishayele ihlombe isinyathelo salolu phiko, wazibophezela ukufaka isandla kulezi zinhlelo.
“Lokho sikwenza ngoba sifuna ukuthi isifundazwe sethu saziwe ngokuba nezindawo zezinga eliphezulu ezidoba izivakashi zezindawo ezahlukene. Nokho okunye okusemqoka wukuthi kumele kuqale thina sivakashele izindawo zethu, sizibeke eqhulwini andukuba silindele abakwezinye izindawo.
“Kufanele sikhathazeke ngokuthi izindawo zethu zivakashelwa kakhulu uma kuyilezi zikhathi zemikhosi emikhulu kuphela, bese kuyathuleka ngesinye isikhathi. Lokhu kusiphosela inselelo yokusebenza kanzima nangokubambisana ukuphucula izindawo eziyigugu kithina ukuze kukhule umnotho wethu futhi sikwazi nokwakha amathuba emisebenzi kubantu bakithi,” kusho uZondi.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yiMeya yasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, iMeya kaMasipala wesiFunda iZululand, uMnuz Michael Khumalo, nowayengundunankulu waseKZN, uMnuz Sibusiso Ndebele.