KULINDELEKE ukuthi idale inqwaba yamathuba omsebenzi i-Africa’s Travel Indaba kwazise njengamanje idale awu-230 kanti abayihambele bazongenisa uR130 million emnothweni weTheku.
Lezi zindaba zidalulwe wuNkk Winile Mntungwa oyinhloko yeDurban Tourism esithangamini sayizolo ebesisakwazwa bukhoma kwi-CNBC Africa.
UNkk Mntungwa uthe amathuba omsebenzi azonyuka eminyakeni ezayo ngoba ngaphandle kwamathuba omsebenzi adaleka eNkosi Albert Luthuli ngesikhathi se-Africa’s Travel Indaba kuba khona amanye adaleka emahhotela, ezindaweni zokudlela nakwezinye izinhlaka ezincike emkhakheni wezokuvakasha.
“Siyaqhubeka nokukhangisa iTheku njengoba isiqubulo sethu sithi Durban On The Rise. Siyazi ukuthi ezokuvakasha ziwumgogodla wokusimamisa umnotho. Sifaka wonke umuntu kulo mkhakha ngoba naseNanda sekunehhotela likanokusho eliheha izivakashi.
“Ngisho emuva kwezikhukhula alikho ihhotela elavalwa ngenxa yokungabibikho kwamanzi ngoba wonke ayesebenza,” kusho uNkk Mntungwa.
UMnuz Ross Volk onguMqondisi we-MSC Cruises SA, uthe bafuna ukunyusa izibalo zabantu abagibela imikhumbi yabo kwazise ngonyaka odlule bawu-110 000 abantu akade beyigibela besuka echwebeni laseThekwini beya eMozambique.
“Sitshale uR300 million wokuthuthukisa indawo yokugibela imikhumbi. Siqasha abantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi abaKwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
“Sibheka kakhulu emiphakathini eswele. Sinezinhlelo zokuthuthukisa abalimi ukuze basidayisele ukudla esizokuphekela izivakashi. Izinkinga esinazo kuye kube wukuthi osomabhizinisi abancane abakwazi ukusinika umkhiqizo esiwufunayo isizini yonke,” kusho uVolk.
Wenze isibonelo sokuthi baye badinge o-lettuce abawu-1 000 abazobadinga njalo ngesonto ngakho uma umlimi ezosebenzisana nabo kufanele abe nesiqiniseko sokuthi uzokwazi ukubanika umkhiqizo abawufunayo njalo.
Uthe banezinhlelo zokusungula amabhizinisi awumfelandawonye lapho abalimi bengasebenzisana ukuze bakwazi ukubhekela izidingo ze-MSC.
UMnuz Brian Mpono oyisikhulu esiphezulu se-Oceans Umhlanga, uthe umacaphunakusale waseThekwini uMnuz Vivian Reddy, utshale uR3 billion ukuletha izitolo ezisezingeni lomhlaba namahhovisi nokunye.
“Osomabhizinisi bayasebenzisana nobuholi beTheku ngoba bafuna ukuthuthukisa abantu bahehe izivakashi. ITheku lizoba yinhlokodolobha yemfashini, asisekho isidingo sokuthi abantu baye koDubai noma eCape Town naseGoli ngoba yonke into iyatholakala e-Oceans Mall. Kunehhotela elisezingeni lomhlaba iRadisson Blu. Izivakashi zisazotheleka eThekwini,” kusho uMpono.
UMnuz Hamish Erskine oyisikhulu esiphezulu seDube Trade Port, ugqugquzele uhulumeni ukuthi aqhubeke nokuthuthukisa izikhumulo zamabhanoyi ezincane njengesaseMkhuze nezinye.
Lokhu uveze ukuthi kuyazigqugquzela izivakashi ezingathandi ukushayela amabanga amade ukuba zithathe amabhanoyi zivakashele maphakathi nesifundazwe.
Uthe amabhanoyi amaningi ahambela amazwe ahlukene aseyatholakala eKing Shaka International Airport.