Izithombe zemicimbiBEKUKUHLE kudelile esikoleni iNgwenya Msomi Primary e-Adams Mission uthishanhloko uNkk Mgaga noNkk Msomi oyinhloko yezifundo begubha usuku lwabo lokuzalwaBEBEHLOBE ngemvunulo emkhehlweni kaNksz Hlengiwe Mathebula, ekhehlwa uMnuz Sandile Shezi eCharlestownULONDIWE Khumalo noSthabile Mbhele bakubafundi abaxhaswe ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme emcimbini obuseBlue Marlin Hotel, eScottburg BACIJISWE ngempilo okumele bayilindele abafundi besikole iNani High KwaQwabe eSayidi abafunda uGrade 12 njengoba kuwunyaka wabo wokugcina lo bekulesi sigaba semfundo bevakashelwe yiRISE UP KASI CHILD, usonhlalakahle kanye nabakwasiDlodlo BEKUSINDWE ngobethole uMnuz Zibuse noNkk Nqobile Mkhize bebopha ifindo likasofa silahlane e-Ashdown eMgungundlovu Izithombe: ZITHUNYELWE BEKUYINTOKOZO yodwa uMakhosi Zama Cele (ophakathi nendawo) ephothula umndiki wakhe, uphahlwe wuninakhulu wasedlozini, uNelly Msimango nogobela uSithabile Shezi weshoba. Umcimbi ubuseFolweni Isithombe: SIBONELO NGCOBO BEKUVELA elomhlathi iMeya yaseMkhambathini, uMnuz Nhlakanipho Ntombela ihalalisela abafundi abagile izimanga ka-matric kulo masipala nyakenye Isithombe: SITHUNYELWEABAFUNDI abagile izimanga kwa-matric kuMasipala waseMkhambathini baklonyeliswe ngezitifiketi emcimbini obuseqophelweni eliphezulu muva nje Isithombe: SITHUNYELWEShare this article:ShareTweetShareShareEmailRead Next:Siphekani ngoKhisimusi?