INGOMA yodumo yesilomo sama-piano, uYoung Stunna, ethi Asike Sithi Shwi, ingifake ugqozi lokugcina ngiluhlelile uhambo ebengilokhu ngiluhlehlisa.
Ngiphambane nayo nokho ingoma njengoba kuyo uYoung Stunna enxusa ukuthi akuyiwe eThekwini. Ngisuke eThekwini ngathatha uhambo lwamahora amathathu nohhafu, ngababela ezintabeni zoKhahlamba.
Njengoba izintaba zoKhahlamba zendlaleke maphakathi nesifundazwe, ngiye eningizimu yazo ngavakashela ihhotela iSani Pass Premier Resort, eseHimeville, e-Underberg.
Kube wuhambo olude, ikakhulu ngoba bengiphelezelwa yizingane, ebezilokhu zibuze njalo ukuthi kanti sifika nini lapho siya khona.
Ngizisole sengiphakathi nohambo ukuthi bengibayisaphi abantu abaziwayo emhlabeni jikelele ukuthi kabanaso isineke, kangakanani-ke uhambo lwamahora amathathu nohhafu.
Sifike khona sekumuncwana ngenxa yokunengwa yindlela kwabantu ebengihamba nabo, ngenhlanhla washeshe waphela lo muzwa yaqala yangena injabulo uma sebezwa ngezinto ongazenza uma uvakashele kuleli hhotela.
Akukho esikwenzile ngosuku esifike ngalo njengoba bese kuhlwile kepha silale sesiluhlelile usuku lwangakusasa ngoba ziyinqwaba izinto ezenziwa yizivakashi.
Eqhulwini ‘kubangani’ bami bekungukuyogibela amahhashi, okuba yisikhathi esiyihora abakwenze beqeda nje isidlo sasekuseni.
Ngemva kokuba ‘ngojokhi’ sithe ake siyozizwisa eThe Sanctuary Spa ekhona ngaphakathi kuleli hhotela, sabhucwabhucwa un kwaba mnandi kwaba njeyaya.
Saphuma lapho sayoshaya idadamu kwi-swimming pool enamanzi ashisayo, sazithokozisa khona sidlala i-volley ball sisemanzini.
Ngeke uze ube nesizungu kuleli hhotela noma usuthanda njengoba kunentahantaha yezinto ongazenza njengokudlala igalofu, kunenkundla yokudlala ibhola, ikhilikithi, i-volley ball ne-chess, kunedamu lokudoba ofishi. Kuyadlisa kulezi zinsuku ukuchitha isizungu ngokudweba ube wehlisa ngesiphuzo esizoyizayo, phecelezi iSip and Paint, nokungenye yezinto ongazenza.
Leli hhotela likakwe yizintaba zoKhahlamba, uyakwazi nokuthatha uhambo lokuqwala intaba ngezingadlangadla zezimoto ezingama-4x4 nifinyelele esicongweni sentaba esikutshengisa ubuhle bezwe.
Ukuze uqwale intaba kumele ube ne-passport njengoba isemngceleni weNingizimu Afrika neLesotho. Esicongweni sayo kunendawo yokudlela nokucima ukoma, iSani Mountain Lodge, ongakwazi ukuthokozela kuyo isidlo sasemini. Le ndawo iyimfivilithi ezivakashini njengoba idlisa ngokuthi iyindawo yokucima ukoma esesicongweni ukuzedlula zonke izindawo e-Afrika ngokuba sendaweni ephezulu nomhlaba ngamamitha angu-2 874.
Uma uvakashele eSani Pass Resort kuyimpelasonto futhi ungumuntu othanda umculo, uzosithokozela isikhathi se-karaoke lapho izivakashi zingatshengisa khona ikhono lazo lokucula (noma lokubhimba) kungekho onake omunye noqoqa amaphuzu.
Ngize ngafisa ukuthi bengihambe nabangani bami esivame ukuzithokozisa nabo nge-karaoke.
Emkhakheni wokudla asihlabekanga umxhwele njengoba negenge yami sivumelene ngokuthi akunasimanga.
Ukuvakashela kuleli hhotela izinsuku ezimbili uma nibabili kubiza kusuka kuR1 600 kuya kuR2 890. Igumbi lomndeni elingalala abantu abane lona lisuka kuR2 100 liye kuR3 100. Kuyenzeka uthole izipesheli. Ukuthola imininingwane ngezipesheli ungashayela kule nombolo 086 111 5555 noma uthumele i-email [email protected].