UKUHLOMELA ngokuphelele impelasonto yamaholidi ePhasika nokuqikelela ukuthi konke kumi ngomumo ukwamukela izivakashi ezizobe zinyinyitheka eThekwini namaphethelo, yizona zinto ezenza iziphathimandla zaleli dolobha zibe nethemba lokuthi la maholidi azosiza ukungenisa inzuzo yemali ezosiza ukufukula umnotho wedolobha nesifundazwe sonkana.
Lokho kushiwo yiMeya yoMkhandlu weTheku, uMnuz Cyril Xaba, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni izinhlelo zezokuvakasha zasebusika, endaweni yokudlela i-The Barn, enxanxatheleni yezitolo iWestown, eShongweni.
UXaba uthe balindele futhi babheke ukuthi iTheku lingenise imali elinganiselwa ku-R2.5 billion wenzuzo ezinsukwini ezine kuphela zempelasonto yePhasika kusuka ngoLwesihlanu kuya kuMsombuluko.
Uthe lokhu kuzobe kuseyisendlalelo sokukhulu abafuna ukukufeza.
"Ngale kwalokho, sibheke ukuthi uma sekuphele lolu hlelo esilwethula manje lwesikhathi sasebusika, sibe sesenze inzuzo engaphezu kwa-R6 billion emnothweni wezwe, okuzosiza ukuthi kuqhubeke kubeke idolobha lethu ebalazweni. Kuzophinde kuqhakambise izindawo zethu ezinhle ezisedolobheni, ezenza idolobha lethu lingaconsi phansi ezivakashini," kusho uXaba.
Uthe okunye okubajabulisayo ngalezi zinhlelo abeza nazo wukuthi bese kuyisikhathi eside bebeke eqhulwini izindawo ezidoba izivakashi ezisenyakatho yeTheku, wathi yingakho manje begxila kwezisentshonalanga - njengoba benzile kuvulwa inxanxathela yezitolo iWestown.
"Sithemba ukuthi sizothi uma siqeda ngalolu hlelo, siqhubeke nezinye izinhlelo zokuthuthukisa izindawo zezokuvakasha eziseningizimu yeTheku, ukusiza ukuqhubeka lapho esikhona manje ukuphucula idolobha lethu. Okunye esikugcizelela kakhulu wukuthi abantu bakithi nabo benze kube wumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi izivakashi ezizosivakashela ngalesi sikhathi, ziyaphepha futhi zivikelele njalo."
Kuvakashelwe nenye yezindawo eKwaNyuswa iPhezulu, engase-Valley of The Thousand Hills, egabe ngokuqhakambisa isintu nobuciko obehlukene bamaZulu.