NGOLWESIHLANU olwedlule Isolezwe Ngempelasonto libe yingxenye yabezindaba abamenywe emkhunjini omkhulukazi emhlabeni iMSC Musica, esuke echwebeni laseThekwini ilibhekise esiqhingini saseMozambique, iPortuguese Island.
Kulo mkhumbi bekumele singene ngehora lokuqala bese umkhumbi uyasuka ngehora lesine.
Ngempela konke lokho kwenzeke ngendlela.
Bengingaqali ukuhamba ngayo ngilibhekise eMozambique, njengoba nango-2019 ngake ngamenywa kodwa sasihamba ngobizwa ngeMSC Oh Ship.
Kulona engikunake kakhulu ukuthi uthakaselwa abantu abahlukene njengoba bekukhona abahamba beyimindeni, izithandani nabangani.
Uhambo lwethu ngesikhathi sifika samukelwe ngezandla ezifundumele njengoba silaliswe emakamelweni akhethekile avulelekile, kunajwayelekile.
Kuwona samukelwe ngeziphuzo ezahlukahlukene, izithelo, oshokoledi, nezincwadi ebezisitshela ukuthi yini esizoyenza kulobu busuku obuthathu singaphakathi kuwo.
Ngaphakathi abantu bathe bengena nje bazitika ngokudla, imidlalo ehlukene, imidanso njengoba bekudlalwa umculo ohlukene.
Akugcinanga lapho abathanda amanzi nabo abazibekanga phansi bebhukuda.
Uhambo lwethu bekumele kuthi kusa ngoMgqibelo sibe sesifikile eMozambique kodwa lokho akwenzekanga ngenxa yokuthi ulwandle belulubi.
Siyalelwe ukuthi usuku lonke lwangoMgqibelo sizozihlalela emkhumbini sizitika ngezinto ezihlukene ezikhona ngaphakathi.
Kube usuku olungematasa njengoba sikhonjiswe zonke izindawo ezingaphakathi emkhunjini nokusebenza kwawo, siphinde sayobhucwabhucwa, satotoswa nangeziphuzo ezihlukene usuku lonke.
Kuthe kusa ngeSonto sabe sesithelekile kulesi siqhingi, salungiselela ukuphuma ngaphakathi.
Imikhumbi yezokuvikela ibinkanise ngaphandle isivikelile ngenxa yokuthi bekunokwesaba ukuthi kungase kuhlasele abantu abahlala eduzane nalesi siqhingi njengoba kunesiphithiphithi kuleliya zwe.
Ukwehla kwethu bese kugcwele kuleli bhishi nelanga likhipha umkhovu etsheni.
Siqale santweza ngesikebhe, sanikwa ithuba lokudlala imidlalo ehlukene emanzini esishiye sicobeke siphelile.
Kumanje njengoba ngiloba lapha izingalo zami namahlombe asalulama njengoba ebuhlungu ngenxa yokudonswa isikebhe emanzini.
Sibe sesitshelwa ukuthi isidlo sasemini sizosithola endaweni eyaziwa nge-Inhaca Island.
Ngibe sengibuza ukuthi lisho ukuthi leli gama abahlali bakhona bachaza ukuthi lisho ukuthi “Hlala la”.
EMozambique ngingasho ukuthi izwe elihle okumele ngabe licebile ngokomnotho ngenxa yezinto ezinhle ezikulo kodwa lisahlaselwe ububha kakhulu.
Izindawo zokudlela zakhona zakhiwe ngothayela futhi azikho ezingeni lezakuleli esizijwayele.
Izindawo esidlela kuzo emalokishini esakhe kuwo zisezingeni eliphezulu kakhulu kunengikubonile.
Kodwa ukudla kwakhona ikakhulukazi ofishi abahlukene abazidobela bona olwandle behla esiphundu.
Ilanga lakhona ngenye yezinto engingazithandanga njengoba belishisa ngendlela yokuthi ubusha uma unyathela phansi, isihlabathi sasolwandle ubungafunga ukuthi sibaselwe umlilo.
Izindlu zoMasipala bakhona ungathi ezakuleli esijwayele ukuhlala kuzo, njengemindeni futhi le emincane.
Abantu bakhona bayakutshela ukuthi isimo sinzima futhi bazama ngaso sonke isikhathi ukuthi bashintshe uhulumeni wabo kodwa kunzima.
BATHI ukufika kwezivakashi kanjalo nokudoba olwandle nokwenza imisebenzi yezandla iyonanto abaphila ngayo.
Okunye engikuqaphelile ngabo ukuthi imali yakuleli bayazi njengoba bezazi, kuba nzima ukuthenga kubo njengoba into encane kubo beyibizisa ngendlela ekushiya umangele.
Sihlale amahora amane kule ndawo sabe sesibuyela ngaphakathi emkhunjini, nokuthe kusa ngoMsombuluko sabe sesitheleka eThekwini.
Lolu hambo engikujabulele ngalo ukubona elinye izwe elihle kakhulu kodwa elisadinga ukuthuthukiswa.