ESIKHATHINI samanje, iziphuzo zifana ncamashi nefeshini eguquguquka njalo ngokuhambisana nezikhathi. Lokhu kubonakale ngokukhula kothando lukagologo othakwa kalula nezithelo ezehlukene ukukhiqiza iziphuzo ezinhlobonhlobo.
I-gin ibonakala ihamba phambili kugologo omhlophe othandwa yizinkulungane zabantu, ikakhulukazi intsha.
Ukukhula kwaminyaka yonke kokudayisa kwe-gin kuyibeke phambili eNingizimu Afrika uma iqhathaniswa ne-vodka. Lokhu kufakazelwe wucwaningo lweziphuzo lwango-2024, i-gin ivotelwe ngabaningi njengesiphuzo esithengwa kakhulu emajoyintini emhlabeni wonke jikelele kanti i-tonic iyona ekhethwe njengentandokazi ohlwini lezinto ezisetshenziselwa ukuxuba ugologo.
AbeWhitley Neill Gin South Africa, bathi lokhu akumangazi njengoba ukudayisa kwe-gin kukhula minyaka yonke, ngokwezibalo zabo, kulo nyaka ukudayisa kwayo kukhule ngo-14.29% yenza imali engu-$45.8m (R833,66m).
I-gin yangempela kufanele yenziwe ngamajikijolo omjunipha kodwa ngenxa yokushintsha kwezikhathi abakhiqizi balo gologo sebefaka ezabo izithako zekhethelo ezinamakha amnandi njenge-orris, izimpande ze-angelica, ne-liquorice, amakhasi kalamula newolintshi, amagxolo e-cassia, i-caraway, i-coriander, i-cardamom, i-anise ne-fennel.
AbeWhitley Neill bakhuthaza abantu ukuthi nabo bangaqhamuka namasu ahlukene okuthaka i-gin okwenza iziphuzo ezimnandi. Bona batusa i-Gin yabo yoqobo, i-Raspberry noma i-Protea neHibiscus. Umkhiqizo weProtea ne-hibiscus uthakwe kahle ukuletha inothi elihlukile ukwenza i-gin ebushelelezi futhi enokunambitheka okumangalisayo okubonisa ubuhle obubabazekayo bezimbali ezimbili.