NKOSIKHONA CELE
UKUNGENELA umqhudelwano kaMrs South Africa 2022 sekugqugquzele uNkk Hlengiwe Sabela ukuba asungule inhlangano ezogxila ekusizeni abantu abasha abaneminyaka engu-17 kuya ku-25.
UNkk Sabela waseClermont osesungule iHlengiwe Sabela Foundation, ubalwa nabanye besifazane abokugcina abangu-30 okuzophuma kubona uMrs South Africa wakulo nyaka.
Uthi ukungenela kwakhe lo mqhudelwano kumkhulisile kwamvula amehlo ngokubaluleka kokuba kukhuliswe kahle izingane ezineminyaka esukela ku-17 kuya ku-25.
UNkk Sabela ukwazile ukufohla esuka kuTop 100, kwayiwa kuTop 57 njengoba manje sekusele abangu-30.
Umcimbi wokumenyezelwa kukaMrs South Africa uzoba seGoli ngomhlaka-11 kuNovemba.
“Selokhu ngingenele lo mqhudelwano ngoMashi, kuningi esifundiswe ngakho. Okukuqala nje ukubaluleka kokuzinakekela wena kanjalo nokunakekela abanye abantu. Kodwa okungihlabe umxhwele ukufundiswa ngokunakekelwa kwezingane ezisuke zisakhula,’’echaza.
Uthe lokhu yikhona okumenze wathatha isinqumo sokusungula le nhlangano. Uthe ufuna ukuba le nhlangano ibonakale yenza umehluko ezimpilweni zabaswele kanye nezabantu abasha abazithola bebhekene nezingqinamba kanye nezinselelo ezahlukene.
“Ngale nhlangano ngikholwa ukuthi mkhulu umehluko engingawenza kubantu abasha kanjalo nakubantu abaswele abadinga usizo,’’usho kanjena.
Uthe le nhlangano izokubeka eqhulwini ukukhuliswa kwamantombazane amancane ukuze engeke azithole esephila impilo ngamaphutha ewenzile.
UNkk Sabela uke waba nguMiss Pinetown Girls, waphinde futhi waba nguMiss DIT, eseyaziwa ngeDUT Manje.
Wake waba kuTop 5 kaMiss Durban Ngo-2004 uthi laphazamiseka iphupho lakhe lokungenela uMiss South Africa ngemuva kokuthola ukuthi uzithwele.
Uthe abafisa ukumvotela bangathumela igama elithi: Hlengiwe Sabela kwinombolo ethi: 47587.
Unabantwana abane, ugane uMnuz Gram Sabela ongusomabhizinisi odumile eThekwini.