ISITSHUDENI saseNyuvesi yaseZululand, sesizakhale udumo ngokwenza iziphaqulo ezisebenzisa ufulawa, amanzi nodayi wokudla.
UNksz uNoxolo Mlambo (25), ofunda izifundo zeB Com Economics, kule nyuvesi odabuka endaweni yaseMfekayi, eMtubatuba, KwaZulu-Natali, unekhono elimangazayo lokwenza iziphaqulo esebenzisa izinto ezitholakala kalula.
Okunye kokudla akusebenzisayo ufulawa athi uwuhlanganisa nodayi abayimibala eyahlukene kanye namanzi ukwenza iziphaqulo ezisetshenziswa uma kwenziwa amafilimu, ukwenza amanxeba, igazi nokunye kubukeke sengathi okwangempela.
“Kuqale nginganakile nami ngesikhathi kushone ubaba uPatrick Shayi (owayengumlingisi) owayelwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Ngenza iziphaqulo ngakho ukudla okufana nofulawa okwenza amakhekhe, ukupenda owesifazane olimele okhalayo, ngizwakalisa ukudabuka kwami ngokushona kwakhe.
Uthe wafaka lezo zithombe ezinkundleni zokuxhumana, yilapho-ke okwaqala khona ukuthi aziwe ngomsebenzi wakhe.
Eqhuba, uthe ungumuntu obuthandayo ubuciko kanjalo nokudweba. Uthe ezinye zezinto azenzayo ukuze enze imali, ukudweba abantu amashiya, abaphophothe nobuso.
Uthe luqale lapho uthando lwakhe lweziphaqulo kanti ngenxa yokuswela imali yokuthenga izinto zokwenza iziphaqulo, uthathe isinqumo sokufunda ukwenza iziphaqulo esebenzisa ufulawa, amanzi kanye nodayi.
Eqhuba, uthe le likhono selimvezele amathuba amaningi njengoba kune filimu ethi, “Izinyembezi Aziweli Phansi” yasendaweni engakaphumi asebenzisana nayo.
Uke wasebenza futhi neNyuvesi yakhona Ongoye, emkhankasweni wokukhuza ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
“Abantu bayawuthanda kakhulu umsebenzi wami. Nasezinkundleni zokuxhumana bakhombisa ukuwuthakasela kakhulu. Nasendaweni sebeyangiqasha ikakhulukazi uma kunemishado,” kusho uNksz Mlambo,
Uphinde waveza ukuthi unesifiso sokuthi awufundele lo msebenzi ukuze azithuthukise, afeze iphupho lakhe lokusebenza emidlalweni yethelevishini emikhulu kanye nosaziwayo.