UTHOLE ithuba lokukhangisa ngemisebenzi yakhe ezinkumbini zabantu umsiki wengqephu wakuleli ohambele indumezulu yomcimbi wemfashini eLondon. USlungile Mokoena, weHouse of Sluvin Designs uyingxenye yabasiki bengqephu bamazwe omhlaba abahlangane kwi-Africa Fashion Week London (AFWL) . Lo msiki wengqephu waseThekwini akagcinanga nje ngokukhangisa ngemisiko yakhe izolo kusihlwa kodwa uthole ingqayizivele yethuba lokuxoxa nesiteshi esihlonishwayo kwezokusakaza, iBBC.
USlungile yize engakabuyi kuleli kodwa uzwakalise ukujabula ngokuba yingxenye yomcimbi, waveza nokuthi bekungeke kube yimpumelelo ngaphandle kokwesekwa yizinhlaka zikalumeni ezifanele. "Ngibonga kakhulu kubaxhasi uMnyango wezoHwebo nezamaBhizinisi KwaZulu-Natal neTransnet ngokusisiza sikwazi ukufeza amaphupho ethu," kusho uSlungile. Ubonge nomndeni wakhe ngokulokhu umeseke njalo ngomsebenzi wakhe.
Ngaphandle kwakhe nozime wakuleli uZozibini Tunzi naye ungomunye wabantu bakuleli abahambele i-AFWL oveze ukuthi kuyamjabulisa ukuba yingxenye yayo. I-AFWL ayigcini nje ngokunikeza ithuba abasiki bengqephu baseNingizimu Afrika kodwa ihlanganisa nongoti bezemfashini abaqhamuka emazweni angomakhelwane naleli lizwe. Abanye babo sebeze bazakhela igama nasezitolo zaseLondon njengoba kukhona nabazinze khona, okubalwa nabakhangisi bengqephu.