UKUQALA ibhizinisi lokudayisa izimpahla zokugqoka ngemali ye-NSFAS sekuthela izithelo ezinhle kusomabhizinisi osemncane, njengoba esengagcini ngokuzithumela kwabazidingayo kuphela, kepha seziyatholakala nasesitolo sakhe.
UNksz Cassandra Mthethwa (21), waKwesaKwaMthethwa, Empangeni, umnikazi webhizinisi lezimpahla zokugqoka, iCassie M Clothing, uthi eqala leli bhizinisi ubenzela ukulondoloza imali yokwenza izincwadi zokushayela, lagcina liba ngaphezu kwalokho.
“Ngiqale iCassie M Clothing ngoR1 500 wemali engiyithola kwi-NSFAS. Lokho ngakwenza ngoba ngithi ngifuna ukuhlanganisa imali yokwenza i-driver’s license, lagcina lidlondlobala kanjalo-ke ibhizinisi lami engiliqale ngo-2020, angangabe ngisabheka emuva,” kuchaza uNksz Mthethwa.
Enaba ngokusunguleka kwalo, uthi uqale esebenza nenye insizwa ayejwayelene nayo yaseRichards Bay eyayimthungela izimpahla zamakhasimende nokwathi ngokuqhubeka kwesikhathi akangabe esakwazi ukusebenzisana nayo.
“Lokho kwadalwa wukuthi ukuthunga yinto ayechitha ngayo isizungu nje, futhi nomsebenzi ebuye engawuqedi ngesikhathi, ngagcina ngibona kuwumqondo omuhle ukusebenza ngedwa - ngithenga izimpahla zabesifazane kuphela ngamanani aphansi eGoli naseChina, bese ngizidayisa ngamanani azokwenza ngenze inzuzo.
“Ngisizwe nawukuthanda kwami ingqephu, okwenze kwaba lula ukumaketha ibhizinisi lami ezinkundleni zokuxhumana, ngizigqokile - lokho kwangidobela inqwaba yamakhasimende ezindaweni ezahlukene,” kuchaza uNksz Mthethwa.
Le ntokazi ebiyenza unyaka wokugcina kwiBachelor’s Degree in Psychology, eNyuvesi yasoNgoye nephinde ibe yinxusa leMamelodi Sundowns, ithi ngaleli bhizinisi isinamakhasimende koDundee, Newcastle, eThekwini, eGoli ngisho naseKapa imbala.
“Manje into eyaqala sakudlala nje isiyinto enkulu. Sekunesitolo esiseMpangeni engidayisela kusona, nangaphandle kwalokho, ngicabanga ukuthi yinto ekhuthazayo ukuthi intokazi esencane njengami isizimele empilweni,” kusho yena.
Ephetha, uthe uzoqhubeka nokusebenza kanzima ukukhulisa iCassie M Clothing aseqashe abantu ababili kuyona, ukuze igcine isinamagatsha kwezinye izifundazwe, ibe nawusizo emphakathini ikakhulu kubantu abasha.