BAKHIPHE unyawo ongoti ebebeyingxenye yendumezulu yomcimbi wengqephu waminyaka yonke i-Cape Town Fashion Week, nedonsa amehlo oswenka bakwamanye amazwe.
Lo mcimbi obuse-International Convention Centre ngempelasonto, yize ubanjwa minyaka yonke kodwa njalo kubonakala izitayela ezintsha nezisuke zizokhonya nokwenza ngisho osaziwayo basondelane nawo.
Kulo nyaka kugqame kakhulu imisiko egabe ngeyesintu nehlobe ngezindlela ezahluke kanjalo nemisiko yasebusika yomntakabani. Phakathi kwabanye ongoti bezengqephu abangene kwezwakala kubalwa noLondeka Buthelezi Ndaba welebuli edla ubhedu kosaziwayo, iMalondie. Imisiko yeMalondie beyigabe ngemibala engaphaphile nehehayo futhi ikhombisa izinhlobo zezitayela ezahlukene zokuswenkela amakhaza ngendlela esezingeni eliphezulu.
Eminye yale misiko seyisabalele ezinkundleni zokuxhumana kanti nabantu abaningi abawuvali umlomo ngezinga layo nokwenza yehluke kweminingi. Ngaphandle kweMalondie, bebe khona nabanye abasiki bengqephu okubalwa abathunga izimpahla zabesilisa.