ESIKHATHINI esiningi bekubukeka sengathi abesifazane bamazwe angomakhelwane banehaba kwezengqephu kodwa nabakuleli sebenomkhuba ofanayo.
Ubulivilivi bezingubo zikanokusho ezimba eqolo futhi ezithungwe ngendwangu ebizayo, buhamba phambili emiswenkeni yabesifazane.
Ungoti kwezengqephu uNkk Mamsie Mkhwanazi, we-Afrolucious, uthi ukuvalwa kwezwe iminyaka ecishe ibe mibili lapho imicimbi ibingabonwa nabantu bengaswenki, kwenza babe nelukuluku lokukhipha unyawo ngemiswenko.Uthi yize uhlobo lwezingubo ezingamalivilivi lubukeka sengathi lungenisile kodwa ngeke lugqokwe ngumuntu wonke ngenxa yokumba eqolo.
"Uma ubhekisisa ingubo ngayinye ayifani nenye futhi ngeke uyithole esitolo sezingubo ezijwayelekile. Ithungwa ngokubheka isakhiwo somuntu, uhlobo lomcimbi awuhambelayo, iphakethe lakhe nezinto azithandayo zokuhlobisa. Yingakho izingubo eziningi zifakwa izimpaphe, ubuhlalo, izincingo nokunye okuhambisana nesikhathi. Zonke izinto ziyabiza, akuwona wonke umuntu ongakhona ukuyithenga," kusho uNkk Mkhwanazi.
Eqhuba uthe oleyisi bamba eqolo ngoba imitha elishibhile libiza kusukela kuR5000,R8000, R14 000 nangaphezulu kanti izingubo eziningi okungenani zisebenzisa amamitha amabili nangaphezulu. Izingubo ezisetshenziswa abantu abaningi uma benza umemulo, umembeso noma umabo zivamise ukubiza ngaphezulu kukaR20 000 kuya kuR50 000.
Ephetha uNkk Mkhwanazi uthe kujwayelekile ukuthi osaziwayo babonakale kuqala nezitayela ngenxa yohlobo lomsebenzi nemicimbi abayihambelayo nephakethe elivumayo. Yize kunjalo kodwa uthe asikho isidingo sokuzifakela ingcindezi ngoba imisiko yesintu yezishweshwe isadlisa futhi akukho lapho ingangeni khaxa khona. Lokhu uthe kwenza impilo ibe lula kuwona wonke umuntu ngoba izishweshwe ziyabafaka oleyisi ababiza kahle kodwa umsiko ube sezingeni eliphezulu.
Okwenza izingubo zehluke
-Ungashuqula noma ingayiphi indlela oyithandayo futhi ungahloba ngesicholo, ngesigqoko noma umhlobiso wasekhanda.
-Uyakwazi ukuswenka ngomsiko ohlanganise izinto eziningi njengezimpaphe, amadayimane, ubuhlalo nokunye kungaxwayani.
-Izinhlobo zoleyisi zitholakala ngemibala eminingi nehambisana kahle nebala lesikhumba somuntu.
-Uyakwazi ukuwusebenzisa ngezindlela ezahlukene uleyisi wengubo eyodwa ngaphandle kokudabuka kalula.
-Imisiko ihambisana nemicimbi ehlukene ngosuku ngaphandle kokuzikhathaza ngokushintsha.
-Ayidingi amaqhoksi noma izicathulo ezibiza ngokweqile ngoba izingubo zinde zifihla lonke unyawo.