ABASIKI bengqephu eyayidla ubhedu kwiHollywoodbets Durban July, bathembise ukusebenzisa umklomelo weHollywood Foundation, ukwandisa amathuba omsebenzi entsheni enothando nekhono lokusika ingqephu.
Lokhu kuhlaluke ngenkathi laba basiki bengqephu abayisishiyagalolunye, beklonyeliswa uR250 000 abazohlukaniselana wona emabhizinisini abo, emcimbini obuseGreyville, eThekwini, ngoMsombuluko.
Omunye wabasiki bengqephu okwabazohlukaniselana lo mklomelo, uSiphesihle Mkhathini-Mlotshwa, uthe ukuba sohlelweni lweDurban Fashion Fair Rising Star, kumsize kakhulu kwamkhulisa kule mboni.
“Ngihlale iminyaka eyisikhombisa kwiDFF, ngacijwa futhi ngafunda okuningi ngezemfashini. Kumanje ngihlela ukuvula isitolo sami sokuqala sezimpahla zokugqoka ngenyanga ezayo, okuzosiza ukwandisa amathuba omsebenzi. Lokho bekungeke kwenzeke ngingasizwanga yiHollywoodbets,” usho kanje.
UNomalungelo Mkhize waseMlaza, naye okubasiki bengqephu abaklonyelisiwe, uhambe emazwini kazakwabo, wethembisa ukuthi uzobeka eqhulwini ukwandisa amathuba omsebenzi entsheni enothando nekhono lokusika ingqephu.
“Lolu sizo lumqoka kakhulu kithina esisafuna ukuchuma kule ndima, futhi luzosisiza kakhulu siqhubeke sibeke isinkwa etafuleni, bese silekelela nabanye esizobaqasha emabhizinisini ethu ukuze sithuthuke sonke,”’ kusho uNksz Mkhize.
UNksz Vuyisile Ngobese wophiko lwezokuxhumana eHollywood Foundation, uthe lolu hlelo luyindlela yokubamba iqhaza ekufukuleni abasiki bengqephu abasafuna ukuzakhela igama.
“Lokhu kuzosiza ukuthi uma bethuthuka, bandise amathuba omsebenzi, futhi kusize sibuyisele le mboni ezingeni ebikulona singakathikanyezwa yiCovid-19,” usho kanje.
Abanye abasiki bengqephu abazohlukaniselana ngalo mklomelo uNompumelelo Mjadu, Mzwandile Mathonsi, Nokuzola Ndlovu, Silondile Makhanya, Zamaswazi Mathole, Thami Ngubeni noSiduduzo Nkwanyana.