ABASIKI bengqephu abagqokisa iSilo banogqozi ngengqephu abayilungiselela usuku olukhulu lwangoMgqibelo.
NgoMgqibelo iSilo uMisuzulu kaZwelithini sizokwamukela isitifiketi esisuka kuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, esiqinisekisa ubukhosi bakhe ngokomthetho kahulumeni wakuleli.
Lo mcimbi uzobanjelwa enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, kulindeleke izinkumbi zabantu abasuka ezindaweni ezahlukene ukuba babuthane basho ngazwi linye bethi, Bayede! Wena wendlovu!
Umswenko wenkonyane kaNdaba uzokwenziwa ngabasiki bengqephu ababili.
UJanak Parekh ozinze eThekwini, waziwa kakhulu ngokugqokisa omacaphuna kusale futhi unomlando wokuthungela abaseNdlunkulu amasudi ekhethelo ngoba maningi aseke wawenzela uMdlokombane nabanye abaNtwana.
UParekh ubemanqika ukudalula imininingwane ngomsebenzi wakhe awenzayo.
“Kunenqubo yomthetho okumele ngiyilandele kodwa nginalo ugqozi lokuthi iSilo sizobe siconsa ngosuku olukhulu. Mhlawumbe iSilo sizovunula noma sikhethe isudi kuzoba kusona kodwa sizobe sisihle,” kusho yena.
Omunye umsiki wengqephu osebenza kakhulu neSilo, nguMthoko Masondo ozinze eGoli, usenze amasudi, amahembe nezicathulo enzela sona kusukela sangena esihlalweni.
Uthe ithuba lokugqokisa iSilo liyingqayizivele, wathi iSilo siyayithanda imibala egqamile njengebomvu nesawolintshi kodwa wasicebisa ngokuthi sigxile emibaleni ezothile ngenxa yesihlalo sayo esiphezulu.