IZINHLANGANO zamaciko KwaZulu-Natal seziveze ukuthi sekube nesivumelwano sika-30% phakathi kwazo noCassper Nyovest uma kuwukuthi uyayithola imali yokuxhasa umcimbi wakhe kuMasipala weTheku.
Lokhu kuvele esithangamini nabezindaba ebesiseMoses Mabhida izolo.
Izinhlangano okukhona kuzo iCultural and Creative Industry Federation of South Africa (CCIFSA), Creative Workers Union of SA (CWUSA), Triple Visual Demention (TVD), South African Arts and Culture Youth Forum (SACCYF), Imbumba Business Forum, KwaZulu-Natal Creative Industry Forum (KCIF), Amadelangokubona Business Forum neFederation for Radical Economic Transformation (FRET) beziyingxenye yesithangami. UJoy Mbewana obemele izinhlangano uthe bebengahambisani nomcimbi kaCassper ngoba abafuni ukuthi umnotho waseThekwini uphume kungasizakali muntu okhokha intela kumasipala.
“Siyamvumela uma ethi akatholi xhaso njengoba nathi sinalo lolo lwazi. Izindaba ezavela zokuthi kuphume uR56 million ngalo mcimbi zasithusa kakhulu sasho ukuthi ngeke ube khona ngenxa yokuthi sasingazi ukuthi amaciko azosizakala kanjani kuwo nokuthi nathi njengezinhlangano sizotholani. Sahlangana noPhillip Sithole noThembinkosi Ngcobo basitshela ukuthi okuvelayo nabo abakwazi. Sabe sesihlangana nethimba likaCassper salibekela kwacaca ukuthi ngeke kuyeke phambili uma kuqhubeka kanje. Basitshela ukuthi akukho abasakutholile,” kuchaza yena.
Uthe bavumelene noCassper ukuthi oxhasweni azoluthola bazothola u-30% njengezinhlangano zaKwaZulu-Natal futhi kuzoqashwa intsha yakulesi sifundazwe ezosebenza emcimbini. Bebuzwa ukuthi uma umasipala engasabaniki uxhaso yini ezokwenzeka esivumelwaneni sika-30% abavumelene ngaso, bonke bathe kuyobe kusho ukuthi bashwebile.
FUNDA: Luyashuba olwamaciko aseThekwini nomasipala
UCassper uthe yize ebhekane nezingqinamba ezehlukene kuleli dolobha kodwa umcimbi uzoba khona ngisho engaxhaswanga.
“NaseGoli izinkinga ezinjena saba nazo kodwa ukukholelwa entweni kuyasiza kakhulu njengoba umcimbi uzoqhubeka. Uvalo nginalo kodwa emalini ebenginayo sengisebenzise eningi ukuze umcimbi wami ube yimpumelelo,” kuchaza uCassper.
Esithangamini bekukhona noDJ Tira obesolwa ngokuba nomona ngomcimbi. Kodwa ukubeke kwacaca ukuthi konke okushiwoyo kungamanga njengoba enezinkinga zakhe noMnyango wezokuVakasha kuMasipala hhayi umcimbi kaCassper.
“UCassper wangifonela ethi unomcimbi kodwa iGagasi FM lase lingithinte kuqala. Ngabuyela kwiGagasi ngabatshela ukuthi sesicelwa nawuCassper kodwa bakubeka kwacaca ukuthi bacela ukuthi ngibhekane nowabo umcimbi ngalolu suku ngingayi komunye. Bangicela futhi ukuthi ngikhulume ngawo noma kuphi lapho ngiya khona nasezinkundleni zokuxhumana kodwa hhayi ngoba singahambisani nokaCassper,” kusho uTira.
Uthe akaxabene noCassper njengoba naye ehlela imicimbi ehambela amadolobha ahlukene.
Ekhuluma nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe iDaily News, uPhillip Sithole uthe uselinde incwadi enesivumelwano esithathwe emhlanganweni obuphakathi kukaCassper nezinhlangano zamaciko, nokuzothi uma sebeyitholile bese beqhubeka nesicelo salo mculi. Uthe bazowuxhasa noma kanjani lo mcimbi.