BABHEKENE necala lokutholakala nezidakamizwa abaculi ababili baseThekwini, uDanger oyilungu leqembu iBig NUZ, ogama lakhe langempela nguMzingisi Tshomela noDJ Kotini ogama langempela nguVusi Zikode futhi ongumphathi wabaculi.
UDanger uboshwe ngoLwesihlanu eManzimtoti, kwathi uKotini waboshwa ngoLwesine eThekwini. Bobabili sebeke bavela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko, icala labo lahlehliselwa uLwesihlanu (kusasa).
Isolezwe lithole ngemithombo eyehlukene ukuthi uDanger utholwe nezidakamizwa ese-Athlone Park, eManzimtoti, emzini kaDJ Kotini.
U-DJ Kotini yena uboshwe eseThekwini, ngecala lokushushumbisa izidakamizwa zohlobo lwe-heroine, okuthiwa watholakala eziphethe.
Kuthiwa uDanger utholwe nezidakamizwa emzimbeni ngesikhathi eboshwa.
“Kunokudideka ngokwenzekile njengoba kuyimanje uKotini ese-Eastern Cape uthathwe ngamaphoyisa akhona. Kuvela ukuthi ubedingeka njengoba kukhona icala elibucayi abhekene nalo khona. Utholwa nezidakamizwa nje amaphoyisa sengathi abevele emfuna,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi kunezinsolo zokuthi bobali kukhona obampimpile ngendaba yezidakamizwa.
“Udaba belufihliwe kodwa ekugcineni luputshukile. Iningi lozakwabo eThekwini belingazi ukuthi laba babhekene nenkinga engaka. UKotini wonke umuntu ubemangala ngendlela abethenga ngayo izimoto zohlobo oluphambili. Manje sekuyacaca” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi uDJ Kotini kukhona udaba lwemali ayithola ngokungekho emthethweni abefunwa ngamaphoyisa ngalo.
“Asazi-ke noma leli cala lithinta imali noma yilona elibucayi elithinta owesifazane wase-Eastern Cape. Elezidakamizwa, cha liyamangaza kakhulu,” kuchaza umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuboshwa kwabaculi ababili nokuthi babhekene namacala okutholakala nezidakamizwa. Kushaye isikhathi zokushicilela uConstable Ngcobo esalinde ukuthola eminye imininingwane mayelana nokuboshwa kwabo.
Okhulumela uphiko lokushushiswa komphakathi Kwazulu-Natal uNatasha Kara akatholakalanga ukuphawula mayelana nokuvela kwabo enkantolo ngoMsombuluko.