UMLINGISI wodumo kwiThe Wife, uMondli Makhoba uthe kuyamthokozisa ukuvuleka komunye umnyango njengoba kusuka ngoJulayi 14 ezokwethula uhlelo oluthi Vuka Mjita kwithelevishini.
Lo mlingisi uzobe exoxa namadoda bedingida izinkinga zawo ezehlukene masonto wonke. Uhlelo luzokhonjiswa kuMzansi Wethu (163), ngo-8 ebusuku.
Ekhuluma neSolezwe uMondli uthe, lolu hambo lokubonakala engena nasemkhakheni wokwethula izinhlelo lusho lukhulu kuyena njengoba esezakhele igama nasekulingiseni.
“Engikuthanda ngalo ukuthi sizothuthukisa abesilisa ukuze impilo yabo ibe ngcono. Sizoxazulula izinkinga ezibahlasele, ezinye ezingaholela ekutheni baze banqume ukuzibulala. Sizokhuluma ngazo sibheke ukuthi uma sebefike kulolu hlelo yini abangahamba isixazululekile,” kuchaza yena.
UMondli ukholwa wukuthi ngalolu hlelo ngeke nje kuxazululeke izinkinga zamadoda kuphela kodwa kukhona lapho abesifazane bezosizakala khona futhi kube khona abakufundayo nabo.
"Abesifazane nabo kukhona izimpendulo abazozithola, uma abesilisa sebeveza izinkinga zabo. Lokhu kuzodala ukuthi kushintshe indlela ezinye izinto abazibheka ngayo. Ukuzibulala sizosho ukuthi akusona isixazululo empilweni, kodwa izinkinga kumele zikhulunywe, kutholakale isixazululo bese impilo iyaqhubeka. Noma ngingeke ngisho ukuthi zinkinga zini esikhulume ngazo ngesikhathi kuqoshwa uhlelo, kodwa ngithi abantu abalubuke bafunde kulo,“ kuchaza yena.
Uthe izinhlelo ezifana nalezi ngokwakhe kumele ngabe kade zaqala kodwa uyathemba ukuthi lukhulu usizo abazoza nalo.
Uveze ukuthi kuwumsebenzi wabo ukwazi ukuthi kungani bekhona emhlabeni, njengoba ekholelwa ekutheni mkhulu umsebenzi abadalelwa wona bengabesilisa.