UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose uthe usazoqhubeka umcimbi iGcwalisa Spring Picnic -All White eba njalo ngasekupheleni konyaka, eThekwini.
Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibili kusabalale izincwadi ezibhekiswe kuKhuzani noXolani Mcineka ebezibhalwe usomabhizinisi uSibongiseni Mbambo odume ngelikaMageza ngaphansi kwenkampani yakhe i-MGSM Solutions.
UMageza ubebabikela ukuthi uyaluhoxisa uxhaso abelukhipha ngaphansi kwenkampani yakhe, lokwenza umcimbi Ingoma kaZwelonke ngokubambisana noMcineka kanjalo neGcwalisa.
UKhuzani esitatimendeni asikhiphele abezindaba uthe bakhethe ukuthi bangabe besasivuselela isivumelwano abebenaso sokusebenzisana seminyaka emithathu.
Uthe ukuqhubeka nokuqhakambisa umculo kamaskandi bazoqhubeka nakho ngokufuna abanye abaxhasi ukuze umcimbi uqhubeke uye phambili.
“Siyalubonga uxhaso ebesiluthola enkampanini i-MGSM Solutions. Ukuba yingxenye yalo mcimbi kwenze ukuthi uthuthuke njengoba ngawo siqhakambisa umculo kamaskandi.
“Njengenkampani Idlamlenze Development Foundation sizinikele ekutheni siqhubeke nokwenza lo mcimbi. Sibheka amanye amathuba ekutheni siqhubeke nawo. Siyabonga kakhulu ngabasenzele kona,” kuchaza uKhuzani.
Uthe uma kukhona okunye okudingeka bakulungise ngomcimbi osanda kwenzeka bazohlangana noMageza ukuze baxoxe ngakho.
Imizamo yokuthola uMcineka ukuzwa ukuthi umcimbi Ingoma KaZwelonke wona uzoqhubeka yini ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.