ISITHOLAKELE intokazi ezovala isikhala sikaLuyanda Zwane emdlalweni Isibongile and the Dlamini’s, kuMzansi Wethu (163) njengoba Isolezwe like labika ukuthi uLuyanda uyashiya.
UNsikelelo Mthiyane nguye ozovala indawo kaLuyanda kusuka ngoJulayi 29.
AbakwaM-Net baveze ukuthi kuningi okuzovela okuyizimfihlo kulo mdlalo uma sekuqala isizini yesibili nezoqhubeka idonse amehlo ababukeli.
UShirley Adonisi, ongumqondisi wezinhlelo zakuleli kwaM-Net, uthe bayemukela ngezandla zombili le ntokazi nezoqhubeka nokubhekana nezinkinga zothando .
“Kwisizini entsha sizobona uNsikelelo ethatha indawo kaSibongile futhi lo mdlalo uzobe uqhubeka la ugcine khona, njengoba ababukeli bezobona kuphuma izimfihlo ezinkulu ezithinta abantu abahlukene kuwo. Abasebenzi bakwaDlamini sizobabona futhi ekutheni baqhubeke balethe ukungezwani nokukhuluma izindaba zabantu eziletha omkhulu umsindo emindenini ehlukene. Umndeni kaSibongile nabakwaDlamini nabo baqhubeka nokubabona beba nokusondelana njengoba impi phakathi kwabo isenkulu kakhulu,” kuchaza uShirley.
Uthe ngokwabo lo mdlalo ube yisipho kubabukeli njengoba wenze kahle uma kuziwa kuzona zonke izinhlaka, wabukwa abantu abangaphezu kuka-1 million nokuyinto abaziqhenyayo ngayo.
"Uma sikhuluma ngempumelelo yomdlalo yinto efana nalena. Sibheke phambili ekhasini elisha ukuthi liza nani. Okunye esikwazi kahle ukuthi izinguquko ziza nokuhlukile kunoma imuphi umdlalo, nakulo solinda ukubona ukuthi yini entsha esizoyijabulela ukuyisa umdlalo phambili,“ kuchaza yena.
Uveze ukuthi kule sizini okungalindelwa ababukeli ukuthi uPhetheni (Ayanda Borotho) uyathola yini ngobudlelwane akade engabazi obukhona emshadweni wakhe.
Kungabe uVuma (Bhekani Shabalala) uyoke amxolele uDeliwe(Slindile Nodangala) futhi ambuyise ekhaya?
Enye imfihlo esemehlweni abaningi eyokukhulelwa kukaNomalanga (Yolanda Myeza), nayo athe kuningi okuzovela ngayo kule sizini nokuba nesandla kukaGcina (Sindisiwe Zondo) kuyo.
Uthe kodwa okuzoba kukhulu kule sizini ukuthi ngabe uSibongile noKwenzo(Vuyo Biyela) bazogcina bekwazile yini ukuthandana kahle kube nokuthula.