UZOBONAKALA izikhawu emdlalweni iDurban Gen, usomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mkhize odume ngelikaMaMkhize.
UMaMkhize uzoqala ukubonakala kulo mdlalo kusuka ngoLwesihlanu, ku-e.tv, ngo6.30, ntambama.
Ngokwe-e.tv lo somabhizinisi uzobonakala kulo mdlalo eziqeshini eziningana.
“UShauwn uzohamba ibanga elijana kulo mdlalo. Uzofika ezoxhasa inhlangano kaSne engenzi nzuzo, nezogqama kakhulu ekuhambeni kwesikhathi kulo mdlalo. Kulo mdlalo kujwayelekile ukuthi kubonakale abalingisi abasha, namanje sijabule ukulinda sibone ukuthi ngabe lo mdlalo ubhekephi,” kusho abakwa-e.tv.
Khonamanjalo kusona lesi siteshi emdlalweni Imbewu, ushaya ibuya uPhindile Gwala, owake wabonakala elingisa indawo kaFikile kuwona.
UPhindile uzobonakala kulo mdlalo kusukela kusasa ngo-9, ebusuku.
Kulo mdlalo wagcina ukubonakala ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ushonile.