OMUNYE wabalingisi abaphambili bomdlalo ophelayo iDurban General, uNelisiwe Sibiya, uthe ubonga uNkulunkulu ngokumupha amandla okubhekana nababekhuluma kabi ngaye bekhombisa ukungamethembi ejoyina lo mdlalo oqale ngo-2020.
UNelisiwe (31) ongowokuzalwa eShowe, obelingisa indawo kaDkt Mbali Mthethwa kulo mdlalo okhonjiswa kwi-etv ngo-6.30 ebusuku phakathi nezinsuku, uthe kube nzima ewujoyina ngenxa yabantu, okubalwa namaciko abebona engafanelwe wukulingisa indawo ephambili kuwona.
“Abantu abaningi bebebona ngifanelwe wukucula kuphela, kubalwa namanye amaciko esinawo kule ndima ayelibeka ngembaba elokuthi akungifanele ukulingisa indawo ephambili emdlalweni waphakathi nezinsuku, abanye bethi kwakufanele kukhethwe bona esikhundleni sami.
“Lokho kwasho ukuthi angisebenze ngokuzikhandla ukuze ngibaphoxe, ngakho ngimbonga kakhulu uNkulunkulu ngokungipha amandla okubhekana nengcindezi enkulu kangaka iminyaka emithathu yonke ngikwiDurban Gen, ikakhulu ngoba umdlalo wonke ubuwakhelwe phezu kwendawo engiyilingise kuwona,” kuchaza uNelisiwe wodumo lwengoma ethi Mama KaBafana.
Lo mlingisi oseke walingisa kwiLockdown, Ifalakhe nakoweshashalazi oxutshwe nomculo iSarafina, uthe uyohlale ebabonga abadidiyeli beDurban Gen ekhiqizwe yinkampani iStained Glasss Productions, ngokumnika ithuba lokugqama kule ndima.
“Kuningi engikufunde ngokuba kwiDurban Gen, ikakhulu ngoba iwumdlalo obudinga sicwaninge kakhulu ngezempilo ngoba ubugxile kokwenzeka esibhedlela nsukuzonke.
“Ngijabule nangokuthi ngikwaze ukuveza uhlangothi olwehlukile lobungoma, okuwumbono owafika nami kubadidiyeli bomdlalo, futhi ngiyaziqhenya ngokuthi ngiphume emdlalweni sengingomunye wabebesiza ukuqhuba umdlalo uye phambili, ngawola nenqwaba yezindondo ngenxa yawo,” kusho uNelisiwe manje oselingisa emdlalweni wakwiMzansi Magic, Umkhokha.
IDurban Gen ephela ngoLwesihlanu, isikhala sayo sizovalwa wumdlalo obizwa ngoNikiwe oqala ngoMsombuluko, okulingisa phambili kuwona uLungelo Mpangase wodumo lwesizini yokuqala yomdlalo iHostela.