INTOKAZI yaseClermont, eThekwini, ekhale yamuka nomklomelo kaR100 000 nesicoco sokuba uDJ ohamba phambili emncintiswaneni, iSmirnoff 1818 Shaya Ingoma Top 10 Female DJ Search, ithi ifuna ukuba yisibuko nethemba labesifazane kulo mkhakha.
URosetta Hlatshwayo (28), ubehluleka nokuwuchaza umuzwa anawo ngokudla umhlanganiso kulo mcimbi njengoba uhambo belungelula.
“Bekungelula kodwa buka manje ngikuphi. Konke ngiyakubonga okwenzekile empilweni yami njengoba bengikudinga kakhulu ukudla umhlanganiso ukuze ngiqhubeke nephupho lami lokuba uDJ.
“Kuningi engikufundile ngesikhathi sisohambweni lwalo mcimbi njengoba abakwaSmirnoff bebesinikeza amakilasi la besifundisa lukhulu ngalo mkhakha; njengokuthi, uzakha kanjani ukuze uphumelele? Uziphatha kanjani emphakathini ukuze uhlale isikhathi eside? Ukunganyamalali kubalulekile,” kusho uRosetta.
Uthe ukufunda akutholile ngomkhakha wezobumnandi ngeke kube ngokokugcina njengoba kukuningi asafuna ukukwazi.
“Ngelinye ilanga ngiyafuna ukuthi abantu abasha ngibasize uma nami sengiphumelele. Nami kungisizile ukuzama inhlanhla. Ngiyobavulela inhlanhla bazame ukuze ngazi ukuthi kukhona la engifake khona isandla. Ngizogxila kakhulu emculweni we-deep house ngoba kuwumculo olaphayo, umculo ongenazo izinhlamvu abanye abangathi ziyahlambalaza,” kusho yena.
Uthe oDJ abafana no DJ Cyndo no DJ Zinhle, bangabanye boDJ besifazane abukele kubona kakhulu.