KUZE kwamenela umsakazi woKhozi FM, uBheka “Beekay” Mchunu, kungaziwa ukuthi uphethwe sifo sini yize ebephuma engena kodokotela. Lokhu kugula bekuhlanganisa nokuphelelwa wumoya, okuke kwambamba izikhawu eziningi esakaza.
Ekhuluma neSolezwe umfowabo omdala kaBeekay, uMnuz Fanilakhe Mchunu, uthe ngeke akulibale akubonile ingane yakwabo iphela phambi kwakhe ebuka.
“Ekhaya asilalanga sonke kuze kwasa, hhayi ngoba besicabanga ngobunzima cha asiswele lutho kodwa ubuhlungu benhliziyo ngokusivelele kushona ingane yakwethu yibona obusenze sangafikelwa ubuthongo. Yena ubesegulile kodwa akukho esingakuveza ukuthi kumthathile, sonke asazi. Naye besihlala simbuza ukuthi yini emphethe athi akazi,”
Ngonyaka odlule kwethuka abalaleli bomsakazo kuvele kuthi nya emoyeni esakaza. Kwavela ukuthi ubesebanjwe yikhona lokhu kugula okugcine kungaqondakali.
Lo msakazi waseMpangeni eNgwelezane ushone ngoLwesibili ephuthunyiswa esibhedlela, nala kufike kwaqinisekiswa khona ukuthi akasekho.
Uthe uBeekay obengowesithathu ezinganeni zakwabo kumanje basele noyise njengoba unina bengenaye.
“Khona bese kunesikhathi ela ekhaya ebambekile. Siphatheke kabi akukhulumeki ngale nto, kodwa nje siyabonga kubo bonke abasasesekile,’’ kuchaza yena.
Uthe njengomndeni sebehlanganile futhi uma kungekho zinguquko bazomfihla ngeSonto.
Umngani kamufi omkhulu emkhakheni wezokusakaza uLinda “Mr Magic” Sibiya uveze ukuthi ufe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukaBeekay obengeyena nje kuphela umngani wakhe kodwa obefana nomfowabo.
“UBheka wamiswa kuKhozi FM ekhulume emoyeni ngecala engangibhekene nalo kulo msakazo. Mina ngathi ngisasoKhozini ngenza isiqiniseko sokuthi uyangena kulo msakazo ngoba ngangibona ikhono lakhe kulo mkhakha akuwo. Ugulile yena njengoba ngoMgqibelo bekunomcimbi esikoleni sakhe wangitshela ukuthi ngeke abe khona ngenxa yokubambeka, wangicela ukuthi angihambe ngiyophatha uhlelo ngiphinde ngibe amehlo kukho konke okwenzekayo,” kusho uLinda.
Uthe azomkhumbula ngakho inhliziyo yakhe enhle nothando abenalo ngabantu.
“Ngisendleleni nje manje ngibheke ekhaya kubo, kwabo bayangazi njengoba bengifika ngiyombheka esabambekile. Ngisho kudala sisebancane besivakashelana emakhaya la sizalwa khona, ngisayohlangana nomndeni wakhe,” kuchaza yena.
Umsakazo uKhozi FM uziqinisekise ngoLwesithathu ekuseni izindaba zokudlula kwalo msakazi.
Ezinkundleni zokuxhumana izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zisabalale ngoLwesibili ntambama, nala abantu bakuleli ngokwemikhakha ehlukene bezwakalise amazwi enduduzo emndenini wakhe.