UMLINGISI waKwaMashu kwa-D, uHlengiwe Lushaba uthi indawo kaMaMchunu, ayilingisa emdlalweni iMy Brother’s Keeper kuMzansi Magic, imkhethile njengoba iveze okuningi okwenzeka emindenini yakuleli.
Lo mlingisi owaduma emdlalweni iGaz’lam, uthi ubesekhohliwe ukuthi ukuthanda kangakanani ukulingisa emidlalweni yethelevishini ngenxa yokungabibikho isikhathi eside.
Uthe ukugxila emidlalweni yasesiteji emyise emazweni ahlukene yikhona okumenze wangabonakala.
“Ngemuva kokuphela komdlalo iGaz’lam ngabe sengigxila kakhulu emidlalweni yaseTheatre engiyise emazweni amakhulu ahlukene. Kuyona kuningi engikujabulele nengikufundile ngase ngibona ukuthi manje sekuyisikhathi sokuthi ngibuyele kwithelevishini. Ngezwa ngalo mdlalo ngase ngikhetha ukuya kwinhlolokhono, nokwathi uma ngithathwa ngabona ukuthi kukhona okukhethekile ngale ndawo njengoba yangena yagxila kimi. Ngabona ukuthi uNkulunkulu onginike yona kukhona angithuma ukuthi ngikwenze ngayo, njengoba yangivezela ezinye izinto,” kusho uHlengiwe.
Uthe leli kube yithuba elibalulekile empilweni yakhe njengoba ngokuba amaciko bengagcini ngokuthi bajabulise abantu kodwa kwesinye isikhathi kuwubizo.
“Kukhona engingangabazi ukuthi basizakele ngezinkinga abazibone emndenini wakwaShabalala, futhi ngazo babona ukuthi izinkinga abanazo zihlasele imindeni eminingi. Ngiyathobeka uma ngibona indlela abantu abajabulela ngayo lo mdlalo njengoba kumele izindaba zisungulelwe, ukuthi silingise kuzo kodwa okukhulu ukuthi zishintshe abantu abazibukayo, ngithandazela ukuthi njengoba sisaqhubeka nalo mdlalo sizimisele mina nozakwethu sisebenze kanzima,” kuchaza yena.
Uthe manje uthandazela ukuthi kuvele elinye ithuba kwithelevishini.
Uveze ukuthi yize engeke ande ngokuthi kuzokwenzekani kuMaMchunu, kodwa kusekuningi okuzobonakala ngalo mlingisi okuzophinde kumangaze ababukeli bomdlalo.
Uthe manje usezinze eGoli njengoba esenomndeni wakhe, futhi maduzane ngaphandle nje kokubonakala kulo mdlalo kukhona uhambo azoluthatha nenkakha yomlingisi uThembi Mtshali.
“Sinomama uThembi sizoya edolobheni laseNorth Carolina lapho sizohambela khona umcimbi iBlack Theatre Festival, lapho ngiya njengomunye wabaqondisi emdlalweni wakhe iWoman in Waiting, nokube ngelinye ithuba engilijabulele,” kuchaza yena.