UMLINGISI ozakhele igama emdlalweni Igomora kuMzansi Magic, usethole ikhaya elisha ngemuva kokuphela kwalo mdlalo.
USicelo Buthelezi uzobonakala elingisa emdlalweni iSkeem Saam kwiSABC1, nala ezobe elingisa khona indawo kaTobias Toby Maswahla nozoqala ukubonakala kusuka ngo-Ephreli 2.
Ekhuluma ngokujoyina lo mdlalo, uSicelo uthe ukuba yingxenye yalo mdlalo kuye kufane nokuthi ufike ekhaya.
“Yize kuyindawo ehlukile kunale ebesengiyijwayele, kodwa ngingasho ukuthi nakimi sekusekhaya. Ngijabule ukuba yingxenye yalo mdlalo futhi ngingasho ukuthi kuningi abantu abazokubona endaweni kaTobias, abantu bazomjabulela futhi kukhona okuhle abazofunda kuye,” kusho uSicelo.
Uthe uTobias akafani noSicelo futhi uhluke kakhulu endaweni akade eyilingisa kaTeddy emdlalweni Igomora.
“Ngifike ngamukelwa ngezandla ezimhlophe kulo mdlalo futhi ngijabule umzuzu nomzuzu ukuba kuwo. Ngakho kuningi engithemba abantu bazobona kulo mdlalo,” kuchaza yena.
Uthe uToby ungumfundi wasenyuvesi ohluphayo nokudingeke ukuthi axoshwe enyuvesi nokuphoqa ukuthi ahambe abuyele elokishini laseTurfloop ngemuva kokudala uthuthuva olukhulu eJohannesburg.
“Uma efika eTurfloop, uqala ikhasi elisha, njengoba ephinde ethola ithuba eNyuvesi yaseTurfloop futhi athole itoho. Uzama ngayo yonke indlela ukuhlala engasathinteki ezintweni ezingamfaka ezinkingeni, kodwa okumele ababukeli balo mdlalo ukuthi ingabe izinkinga zona zizohlala kude naye?” kuchaza uToby.