INTOKAZI ephethe isicoco sikaMiss South Africa 2022, uNdavi Nokeri, ifongqe isigqoko yabongela uzime odle isicoco sikaMiss Universe 2022, emcimbini walo mncintiswano obuseNew Orleans, e-United States America, izolo.
UNdavi (23) waseTzaneen, eLimpopo, obemele i-Afrika, uphume esigabeni sabawu-16 kulo mncintiswano okuqhudelane kuwo izintokazi zasemazweni awu-85, nobesekungokukwesi-71 wenziwa nonyaka.
Isicoco salo nyaka sisale ekhaya sinqotshwa wuR’Bonney Gabriel (28) wase-USA. Endaweni yesibili kulale u-Amanda Dudamel (23) waseVenezuela no-Andreina Martinez (25) waseDominican Republic, endaweni yesithathu.
FUNDA NALOLU DABA: Bazoqhakambisa ubuciko bezinhlanga zakuleli e-USA
“Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibongele uR’Bonney ngokunqoba kwakhe umncintiswano. Ngikholwa wukuthi kumfanele ukunqoba, futhi uzosiphatha kahle isicoco. Ngiyabonga nakubo bonke abengisekile emncintiswaneni.
“Manje sengibheke ukubuya ngize ekhaya, ukuzoqhubeka nohambo lwami lwaMiss SA nomkhankaso wami wokugqugquzela abantu abasha ukuphucula amathalente abo ukuze baziphilise ngawo.
“Yebo, bengingathanda ukuhamba ibanga elide kuMiss Universe, kodwa ngijabule ngokufika esigabeni sabawu-16. Kube wuhambo oluhle kakhulu kimi nolube ngokungaphezu kwebengikulindele. Ngifunde lukhulu,” kusho uNdavi emva komncintiswano.
Isikhulu esiphezulu senhlangano iMiss SA, uNksz Stephaine Weil, sithe bayaziqhenya ngendlela uNdavi amele ngayo iNingizimu Afrika yonkana emncintiswaneni.
“Sikholwa wukuthi wenze iNingizimu Afrika yaziqhenya ngaye, futhi uzinikele kusuka kuqala kwaze kwaba sekugcineni.
“Manje sesibheke ukumamukela uma esebuya ekhaya ukuzoqhubeka nohambo lwakhe lwaMiss SA,” kusho uNksz Weil.