BATHEMBISA ukuletha nabaculi baphesheya abahleli bomcimbi Uvukile Gospel Festival. Kulo nyaka le ndumezulu yomcimbi izobe igubha iminyaka eyisishiyagalombili selokhu yasungulwa.
Lo mcimbi kulo nyaka uzoba ngo-Ephreli 21, enkundleni yezemidlalo, i-Ugu Sports and Leisure, ePort Shepstone.
Abahleli balo mcimbi sebeveze ukuthi kuningi okuhlukile okuzobonakala kulo mcimbi nokuzojabulisa abazobe bewuhambele.
U-Irvin Sihlophe noPastor Mjosty, baveze ukuthi kusuka esangweni kuye emcimbini kuningi okuzodonsa amehlo abazobe behambele lo mcimbi.
“Siyajabula ngokuthi usuku seluphumile kodwa usemningi umsebenzi njengoba sesilinde abantu abazohambela umcimbi walo nyaka. Abazilungiselele abantu njengoba kulo nyaka sizobe sibophele abaculi abahlukene hhayi nje abakuleli kuphela kodwa nabanye abaqhamuka kwamanye amazwe,” kusho uPastor Mjosty.
Uthe njengoba kungunyaka wesishiyagalombili lona bazophinde bameme osaziwayo abahlukene ababonakala emidlalweni yethelevishini.
“Ngeke sikubalekele ukuthi bayabathanda abalingisi abahlukene, ngakho kuzoba khona esibabizayo abazobonakala kulo mcimbi, bezojabula nabalandeli babo. Lokhu sikwenza ngoba sifuna kubonakale ubuso babantu abahlukene. Kodwa futhi lokhu ngeke sikwenze kuze kulibaleke ukuthi lo mcimbi owokholo,” kuchaza uMjosty.
U-Irvin uthe, nakulo nyaka ngeke balushiye ngaphandle uhlelo ababona ukuthi lujatshulelwa abaningi lokumema umculi kamaskandi.
“Saqala samema uBahubhe salandelisa ngoKhuzani ngonyaka odlule, ngakho lokhu sabona ukuthi abahambi balo mcimbi bayakujabulela. Sophinde sikwenze yize sisabheka umculi esingambiza,” kuchaza yena.
Uthe bazohlonipha nabaholi abahlukene emphakathini abenza okuhle.