ABASEBENZI benkampani enenkontileka namabhange ukuthi ihambele futhi ilungise ama-ATM aqhunyiswe ngamabhomu bangabanye babasolwa abane ababoshiwe ngemuva kokutholakala nemali enamabala. Abasolwa baboshwe ezindaweni ezahlukene ngoLwesine.
Amaphoyisa athole imininingwane kwelinye lamabhange amakhulu mayelana nabasolwa abafaka imali enamabala emishinini yokukhipha imali.
Ngophenyo kuvele ukuthi abanye abasolwa bebengabasebenzi benkampani enenkontileka nebhange ukuthi ikhuculule bese ishintsha ama-ATM emuva kokuthi iqhunyiswe ngamabhomu. Ithimba elihlanganisa iSAPS Crime Intelligence, Gauteng Highway Patrol Unit, Provincial Investigation Unit, JMPD K9, Bank Investigators kanye noVusela Covert, lidlulele enkampanini okutholwe kuyo umsolwa oyedwa.
Ngesikhathi ephenya umsolwa, amaphoyisa athole imali egeziwe, kwatholakala enye imali enamabala lapho ehlala khona. Olunye uphenyo luholele ithimba e-Alexandra naseTembisa, lapho kwaboshwa khona abasolwa abathathu, okuhlanganisa nomholi wale migulukudu, ngemuva kokutholwa nemali enamabala engaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisithupha (R160 000) namakhemikhali asetshenziswa ukuhlanza imali enamabala.
Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseTembisa ngoMsombuluko, 17 Febhruwari 2025.