UNENGCINDEZI yokwenza okungcono eNaturena umgadli weKaizer Chiefs, uTashreeq Morris, okuvele ukuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi uqoke yena esikhundleni sokubuyisa uSamir Nurkovic.
UNabi uphumele obala ezinyangeni ezedlule ngokuthi ufuna umgadli ongalibheki ipali. Lokhu kuholele ekutheni abaningi balindele ukuthi iChiefs ilande owangaphandle ngenxa yobunzima bokuthola abasezingeni kwiBetway Premiership. Kuvele ukuthi liqhamukile igama likaNurkovic owayeyintandokazi yabalandeli ngesikhathi kumunyungwa eyomgadli eNaturena kodwa uNabi wamenqaba. UNurkovic ufulathele iNaturena ngo-2022 eseshaye amagoli angu-21 emidlalweni engu-78.
Ukuqoka uMorris (30) kukaNabi kukhombisa ukumethemba lo mgadli waseKapa ochithwe ngamaqembu adlale kuwona kwiPremiership. Emuva kokukhulela enkulisa ye-Ajax Cape Town, wenyuselwa esikimini esikhulu ngo-2013. Emdlalweni wakhe wokuqala washaya igoli elanqobisa i-Ajax kwiChiefs emdalweni owaphela ngo 1-0. Ngo-2019, wafudukela komakhelwane iCape Town City ahlale kubona kwaze kwaba ngu-2022. Emuva kokudedelwa yiCity, wasayina kwiSekhukhune ngo-2022 kodwa yamchitha maphakathi nesizini edlule. Emuva kwalokho uhlalile engenalo iqembu. Ezinyangeni ezedlule, ucoshwe yiSuperSport United ebidinga umgadli kulandela ukulinyalelwa nguBradley Grobler. UMorris ushaye igoli ngesikhathi iSuperSport ibhekene neChiefs ngo-Okthoba nyakenye, wachazeka uNabi.
Nokho ukugcogcoma kukaMorris nokuchithwa emaqenjini asedlule kuwona, kwenze abalandeli beChiefs bakungabaza ukuthi uzoyixazulula inkinga yamagoli eNaturena. UMorris uchaze abaningi ngendlela adlale ngayo emidlalweni emibili iChiefs ebibhekene kuyona naMaZulu neStellenbosch ngokulandelana ngesonto eledlule.
“Ngikholwa wukuthi abantu abaningi bamangele ngokuthi uza kwiKaizer Chiefs kodwa kufanele ubone izinga eliphezulu aliletha eqenjini. Manje sesingadlala ibhola emoyeni, uyakwazi ukulibamba, asinike isikhathi esanele sokukhuphuka sifike phambili,” kusho uNabi emuva komdlalo neStellies.
Abagadli abaficwe nguMorris kwiChiefs okukhona kubona uRanga Chivaviro no-Ashley Du Preez, bahlulekile ukusiza iqembu enkingeni yamagoli ngesizini edlule. UChivaviro ushaye amane emidlalweni engu-23 ayidlalile. UDu Preez naye ushaye inethi kane kuphela.
Akubuzwa ukuthi uMorris unengcindezi yokwenza okuhlukile njengoba engomunye wabadlali abakhonjwe nguNabi.